Izindaba

Kushone ingqalabutho eyayiyibambe noMandela emzabalazweni

Themba Ntshingila|Published

UMNUZ Andrew Mlangeni oshonele e-One Military Hospital ePitoli entathakusa yangoLwesithathu Isithombe: SIMPHIWE MBOKAZI/African News Agency(ANA) UMNUZ Andrew Mlangeni oshonele e-One Military Hospital ePitoli entathakusa yangoLwesithathu Isithombe: SIMPHIWE MBOKAZI/African News Agency(ANA)

ILOKHU ingene njalo imilayezo yenduduzo ivela kubantu abehlukene ngokudlula kukaMnuz Andrew Mlangeni owayengomunye bomakadebona be-ANC oshonele esibhedlela i-One Military ePitoli entathakusa yangoLwesithathu.

UMlangeni udlule enhlabeni eneminyaka engu-95. Ngenyanga edlule ubegubha usuku lwakhe lokuzalwa ngokuhlanganisa iminyaka esibaliwe.

Besekunguyena yedwa womakadebona be-ANC obesaphila ababeyibambe noMnuz Nelson Mandela emzabalazweni.

Babendawonye noMandela ecaleni eladuma nge Revonia Treason Trial ngo-1964,  lapho babekade bebekwe khona icala lokuvukela umbuso nguhulumeni wobandlululo.

Okhulumela uMengameli Cyril Ramaphosa uNkk Khusela Diko, uthe uRamaphosa uzwakalise ukuphatheka kabi ngokudlula kwengqalabutho okuyiyona yodwa ebikade isisele eyabamba iqhaza ekuletheleni abantu bakuleli inkululeko noMnuz Mandela nabanye ababenabo.

“Umengameli uthe manje ikusasa selisezandleni zethu kwazise isizukulwane esidala obekuyisona ebesisikhombisa indlela, asisekho,” kusho uNkk Diko.

Uthe uMlangeni ubengasabi ukukhuluma ngalokho ayekucabanga ukuthi akuhambi kahle, futhi engakaze alahlekelwe wubuntu.

Kwenye yezingxoxo abesanda kuba nazo nesiteshi sethelevishini ngaphambi kokuthi ashone, uMlangeni wakubeka kwacaca ukuthi inhliziyo yakhe iyopha uma ebona indlela inkohlakalo idlange ngayo kuleli.

NgokukaMnuz Mike Shingange oyiphini lokuqala leCosatu, izwe lilahlekelwe yiqhawe ebelibeka phambili ukukhululeka kwabantu bakuleli.

“Baningi asebephethe izikhundla namhlanje kuhulumeni abangazange bahlukumezeke njengoba kwenzeka kuMlangeni, Mandela noGoldburg,” kusho uShingange.

USolwazi Hlengiwe Mkhize ongusihlalo we-Andrew Mlangeni Foundation, uthe namhlanje elakuleli likhululekile nje ngenxa yokulwelwa abantu abafana noMlangeni ababengezwani nenkohlakalo.

“Ngangike ngimbuze kwesinye isikhathi ukuthi kungani efuna ukwaziwa njengomuntu ongazwani nenkohlakalo. Wayengenzela izibonelo eziningi, njengokuthi emva kuka-1994, babengenza noma ngabe yini ukuzinothisa bona kodwa kunalokho bacabangela abantu bakuleli.

Okhulumela i-ANC uMnuz Pule Mabe, uthe ukufa kuphuce abantu bakuleli iqhawe lomzabalazo elabamba iqhaza elikhulu ekuthuthukiseni elakuleli.

"Ubenza isiqiniseko sokuthi i-ANC ihlala isemgqeni futhi ebeka imibono yakhe ngokungesabi," kusho uMabe.

UMlangeni ungumholi ongazange afune ukujaha ukuyohlala endaweni yabadla izambane likapondo njengabanye abaholi njengoba eshone esahlala phakathi kwabantu ayebalwela elokishini laseSoweto.