Izindaba

I-ANC ikhala ngokuhlambalazwa komndeni waKwaMandela

Themba Ntshingila|Published

UMNUZ Pule Mabe okhulumela i-ANC kuzwelonke othe le nhlangano iphatheke kabi ngokwehliswa isithunzi koMndeni waKwaMandela ngokusabalaliswa kwezithombe nama video angelona iqiniso ngawo ezinkundleni zokuxhumana Isithombe: FACEBOOK/PULE MABE UMNUZ Pule Mabe okhulumela i-ANC kuzwelonke othe le nhlangano iphatheke kabi ngokwehliswa isithunzi koMndeni waKwaMandela ngokusabalaliswa kwezithombe nama video angelona iqiniso ngawo ezinkundleni zokuxhumana Isithombe: FACEBOOK/PULE MABE

I-ANC isikubize ngokuhlambalazwa komndeni waKwaMandela nokwehlisa isithunzi sikaNksz Zindzi Mandela osanda kushona ukusabalala kwezithombe ezibize ngokuthi azilona iqiniso esezisabalele ezinkundleni zokuxhumana, zikhombisa ukuthi umndeni wakwaMandela waphula imithetho kathaqa emgncwabeni kaNksz Mandela.

“Nakuba izinto ezifana nalezi singavamisile ukuthi sizinake, kodwa sibone ukuthi singakuyeki lokhu ngoba yinto engekho,” kusho uMnuz Pule Mabe okhulumela le nhlangano esitatimendeni esikhiphile ngalokhu.

UNksz Mandela obeyinxusa lakuleli eDenmark ushone ngeledlule.

Ngokwalesi sitatimende, le mibiko kuhloswe ngayo ukubukela phansi imithetho eshaywe nguhulumeni yokulwa neCovid-19.

Uthe kubaphatha kabi ukubona abantu bephinda bethumela izinto ezithile ezinkundleni zokuxhumana zibe “zingelona iqiniso”.

NgokukaMabe, kukhona abasebenzise izithombe zango-2018 ze-ANC, kwabasengathi izithombe ezithathwe manje ukudukisa umphakathi ngecoronavirus, wathi ucela bakuyeke lokho.

Uxwayise  ngokuthi abenza lokhu kumele bazi ukuthi kuyicala ukusabalalisa imininingwane engelona iqiniso.

Kulesi sitatimende le nhlangano iphinde yaxwayisa amalungu ayo ukuthi kungabi yiwona atholakala esezenzweni ezifana nalezi.