Izindaba

URamaphosa uncome intsha esebenzise isikhathi sikathaqa yasungula amabhizinisi

Nonthuthuko Ngubane|Published

UMENGAMELI Cyril Ramaphosa uncoma iintsha yakuleli okuthe yize kunefu elimnyama okuyigciwane iCovid-19, kodwa yavuka yazithatha yasungula amabhizinisi Isithombe:Kopano Tlape GCIS UMENGAMELI Cyril Ramaphosa uncoma iintsha yakuleli okuthe yize kunefu elimnyama okuyigciwane iCovid-19, kodwa yavuka yazithatha yasungula amabhizinisi Isithombe:Kopano Tlape GCIS

UMENGAMELI Cyril Ramaphosa uncome ukusungulwa kwamabhizinisi nokuzikhandla kosomabhizinisi ngalesi sikhathi sikathaqa ngenxa yeCorona.

Uthe le mizamo ibalulekile ekuthuthukiseni umnotho.

“Iyancomeka indlela enobuchule ekhonjiswa abantu abasha abangosomabhizinisi njengoba izwe libhekene neCorona ephoqe ukuba sishintshe indlela okuphilwa ngayo, nendlela amabhizinisi enzeka ngayo,” kusho uRamaphosa.

Uthe iCorona ifike nefu elimnyama eliphazamisa umnotho.

“Maningi amazwe abhekene nenselelo yezomnotho. Nathi sibe sesenza uhlelo lokulekelela ngoR500 billion,” kusho uRamaphosa.

Uthe isikhathi sinzima kodwa kumele kusetshenzwe kanzima.

“Yize sibhekene nesikhathi esinzima okubalwa nokwanda kwabantu abangasebenzi, abantu abampofu, kodwa kukhona amathuba azovela okumele siwasebenzise ukuze silwe nesikhathi esinzima esisivelele. Kukhona abantu abathungatha lawo mathuba. Kuyajabulisa ukuthi kukhona osomabhizinisi abaqhamuka namaqhinga amasha,” kusho uRamaphosa.

Uthe abanye baqale amabhizinisi amancane ngoba bephelelwe imisebenzi, abanye basebenzisa isikhathi sikathaqa ukusungula amabhizinisi azoletha imali.

URamaphosa wenze isibonelo ngodaba lweCloudy Deliveries eLanga, eKapa.

Abantu abasebasha basebenzisa amabhayisikili ukuhambisa impahla kubantu, beyithatha ezitolo.

Uthe uNksz Ponani Shikweni (32) wase-Alexandra, eGauteng, uqale ibhizinisi lokwenza izifonyo, uqashe abantu abangaphezu kuka-35.

“Ubuchule nokuba nomqondo webhizinisi kwalaba bantu abasha kumele kwesekwe ngalesi sikhathi seCorona. Ukusimama komnotho wethu ngeke kulinde ukuthi kuphele igciwane yingakho kumele siqale manje ukusebenza kanzima,” kusho uRamaphosa.

Uthe imizamo yamabhizinisi aqalwayo iyona ezolekelela emnothweni.