Izindaba

UNkk Nomvula Mokonyane uphika eyokufumbathiswa yiBosasa kwiKhomishini kaZondo

Themba Ntshingila|Published

UNKK Nomvula Mokonyane owake waphatha izikhundla ezahlukene enguNgqongqoshe kwiKhabinethi yowayengumengameli uMnuz Jacob Zuma, uphike walala ngomhlane ukuthi wake wafumbathiswa yiBosasa njengokusho kowayeyisikhulu sayo, uMnuz Angelo Agrizzi Isithombe: ITHUMELENG ENGLISH/African News Agency(ANA) UNKK Nomvula Mokonyane owake waphatha izikhundla ezahlukene enguNgqongqoshe kwiKhabinethi yowayengumengameli uMnuz Jacob Zuma, uphike walala ngomhlane ukuthi wake wafumbathiswa yiBosasa njengokusho kowayeyisikhulu sayo, uMnuz Angelo Agrizzi Isithombe: ITHUMELENG ENGLISH/African News Agency(ANA)

UNKK Nomvula Mokonyane owake waba ngomunye woNgqongqoshe kwiKhabhinethi kaMnuz Jocob Zuma owayengumengameli wakuleli, uphike walala ngomhlane phambi kweKhomishini kaJaji Zondo ukuthi wafumbathiswa imali, kwaphinde kwenziwa ngcono ezokuphepha kwakhe yinkampani eyayinobudlelwane ne-ANC, iBosasa.

Ubevele kule Khomishini ngoMsombuluko ozokwethula ubufakazi bakhe kulokho okwashiwo omunye owayeyisikhulu seBosasa ngaye, uMnuz Angelo Agrizzi.

Phambilini u-Angelo Agrizzi, watshela le Khomishini ephenya ngokulawulwa kombuso yidlanzana ukuthi kunemali eyanikezwa uNkk Mokonyane yiBosasa ngoba izitubuzela amagabane okuthi ithole amathenda kuhulumeni ngoba (uNkk Mokonyane), wayengumuntu olalelwayo ku-ANC okwakuzokwenza kube lula iBosasa ithole lawa mathenda.

UNkk Mokonyane uphinde wakuchitha okwashiwo u-Agrizzi, ukuthi yiBosasa eyahlela izindleko zomngcwabo wendodana yakhe eyadlula emhlabeni.

“Kuwukungehlisa isithunzi ukuthi u-Agrizzi athi uyena owangcwaba indodana yami ngoba yithina njengomndeni esazingcwabela indodana yethu,” kusho uNkk Mokonyane.

Ukuphikile futhi ukuthi wake waba nomhlangano no-Agrizzi kwakhe (kwaNkk Mokonyane).

Mayelana nokwashiwo u-Agrizzi ukuthi uyakwazi emzini kaNkk Mokonyane njengoba ake waba nomhlangano naye (uNkk Mokonyane), uthe kungenzeka wake wafika kwakhe yena engekho, wagcizelela ukuthi abakaze babe nomhlangano.

Uthe iBosasa wayenobudlelwane nesinye sezikhulu zayo uMnuz Gavin Watson ngoba babe khuluma ulimi olulodwa lokulwa nobandlululo, nokusiza abantu abahlwempu emphakathini njengoba kwenza ezinye zezinkampani kulesi sikhathi seCovid-19.

Enaba ngokwenziwa ngcono kwezokuphepha kwakhe, uthe kwadingeka bazihlinzeke bona ngezindleko zabo ngoba impilo yabo yayingasaphephile.

Mayelana nokuthi kungenzeka ukuthi u-Agrizzi wake wafika kwakhe, uthe akaphiki, enza isibonelo ngokuthi ngenkathi kushoniwe kwakhe, kwakungelula ukubona ukuthi ubona okhona nongekho ngenxa yokuthi wayesemanzini.

IKhomishini iyaqhubeka