Izindaba

Uboshiwe oshayise ingane wabaleka

Zanele Mthethwa|Published

IMOTO okuthiwa ibinezingane ezintathu phakathi ngesikhathi ishayisa udonga eWaterloo ISITHOMBE: RUSA IMOTO okuthiwa ibinezingane ezintathu phakathi ngesikhathi ishayisa udonga eWaterloo ISITHOMBE: RUSA

ICISHE yathelekelwa ngamalungu omphakathi indoda okuthiwa ishayise ingane yentombazane (15) oThongathi ngeSonto maqede yabaleka.

Kuthiwa indoda ibihamba nge-Audi A4 emgwaqweni uCoronation ngesikhathi ishayisa ingane. Intombazane ibiphuma esontweni nezinye izingane.

Isitatimende seReaction Unit SA (Rusa), sithe umshayeli wemoto ubuye washayisa iveni iFord Ranger ethi ubalekela umphakathi.

“Intombazane ilimale kanzima ekhanda. Ithimba lethu lithole umbiko ngezithuba zabo-10 ekuseni ukuthi kunengozi yokushayisana kwezimoto. Onogada bethu bafice umshayeli we-Audi esebanjiwe, umphakathi ufuna ukumshaya. Kusolwa ukuthi ubephuzile, wathathwa ngonogada bethu wayiswa esiteshini samaphoyisa oThongathi,” kusho isitatimende.

Kuthiwa intombazane elimele ithole usizo lokuqala endaweni yengozi yase iphuthunyiswa esibhedlela.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe kuboshwe owesilisa oneminyaka ewu-43 ngodaba lwengozi yasoThongathi. Uboshelwe ukushayela budedengu emuva kokushayisa intombazane eneminyaka engu-15 maqede wabaleka.

“Umsolwa ubuye washayisa enye imoto emuva kokushayisa umuntu wangama. Ubekwe necala lokushayela ephuzile,” kusho uColonel Mbele.

Ngesikhathi sokuloba izolo bekulindeleke ukuthi umsolwa avele enkantolo.

Kwesinye isehlakalo esenzeke eWaterloo, ngaseVerulam, ngeSonto, kulimale izingane ngesikhathi imoto ebezigibele kuyo ishayisa udonga lwendlu.

Ngokwabezimo eziphuthumayo kwiRusa kuvela ukuthi umshayeli weVW Polo ubehamba nezingane ezintathu emotweni ngesikhathi eshayisa.

“Abezimo eziphuthumayo babizwe ngezithuba zabo-1 emini. Kutholakale ukuthi umshayeli wemoto nengane eyodwa baphuthunyiswe esibhedlela esizimele. Ezinye izingane zamantombazane ezineminyaka emithathu, bezisasendaweni yengozi ngesikhathi kufika abezimo eziphuthumayo. Izingane bezithukile kakhulu, zonke zaphuthunyiswa esibhedlela,” kusho isitatimende.