UNGQONGQOSHE wezeMpilo KwaZulu-Natal uNkk Nomagugu Simelane-Zulu uthi bayaphenya ngodokotela mbumbulu okuthiwa ubezenza isitshudeni ezibhedlela zesifundazwe Isithombe: SIGCINIWE UNGQONGQOSHE wezeMpilo KwaZulu-Natal uNkk Nomagugu Simelane-Zulu uthi bayaphenya ngodokotela mbumbulu okuthiwa ubezenza isitshudeni ezibhedlela zesifundazwe Isithombe: SIGCINIWE
KUHLUKANA imibono ezinkundleni zokuxhumana ngowesifazane ophenywa nguMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal okuthiwa ubezenza isitshudeni esebenza njengodokotela oyithwasa ezibhedlela ezehlukene ekubeni kusolwa ukuthi akawufundele lo mkhakha.
Isishoshovu somkhankaso wokulwa nokunganyuki kwemali yokufunda ezikhungweni zemfundo ephakeme i-#Fees Must Fall sikulabo abaphawule ngodaba lowesifazane.
UMcebo Freedom Dlamini ubhale ezinkundleni zokuxhumana ukuthi uyamazi owesifazane oneminyaka engu-23, okuthiwa ezibhedlela ubethi ufundela ubudokotela eWits University.
“Ngeke ngazi noma wagcina eqedile yini ukufundela ubudokotela kodwa ngangimbona esikhungweni. Wayeyilungu leSasco futhi ephambili emzabalazweni weFees Must Fall ngo-2015, ophikweni lwaseParktown. Wayehlala endaweni ebihlala izitshudeni ezifundela ubudokotela eGirton,” kusho uDlamini.
Owesifazane Isolezwe elinalo igama lakhe, kuthiwa ubengena ephuma ezibhedlela KwaZulu-Natal, ethunga neziguli ezenza isitshudeni.
Udaba lube sematheni nasezinkundleni zokuxhumana, abanye bekhala ngobudedengu bomnyango. Abanye bashaye amakhala ngalolu daba, besola ukuthi kukhona okufihliwe ngalo.
UDkt Nhlakanipho Mkhize ubhale kwiTwitter echaza ngemigudu elandelwayo uma kwamukelwa isithudeni esibhedlela. Ugcizelele ukuthi isitshudeni asikwazi ukukhipha imithi kodwa siyabukela, sigadwe ngabanye odokotela.
UNkk Ncamisile Nkwanyana okhulumela i-IFP kwezempilo, uthe lokhu kwenza bazibuze ukuthi ziphethwe ngendlela efanele yini izibhedlela.
“Iziguli ezibhedlela ezahlukene zihlala zikhala ngobudedengu bezitshudeni ezifundela ubudokotela, ezinye zisala zikhubazekile,” kusho yena.
UNkk Nkwanyana uthe lobu ubudedengu obuphindiwe, wanxusa umnyango ukuthi uphenye ngokushesha. Uthe okubi ukuthi lolu daba luvele ngesikhathi izwe libhekene neCovid-19, lapho budingeka kakhulu ubuchule bodokotela.
UNkk Carol Crosley, iRegistrar yaseWits uthe sebezwile ngalolu daba waqinisekisa ukuthi ngokwamabhuku abo lo wesifazane akakaze afunde kulesi sikhungo.
Uthe bazimisele ukukhipha imininingwane efanele kwiziphathimandla uma zifuna okunye ngalolu daba.
Ephawula esithangamini nabezindaba ngeSonto, uNgqongqoshe womnyango uNkk Nomagugu Simelane-Zulu, uthe kukhona necala lobugebengu eliphenywayo kodwa nomnyango uyaziphenyela ngaphakathi.
“Akulona iqiniso ukuthi isitshudeni sesidlale ngomnyango isikhathi eside. Esikwaziyo ukuthi ngamaholidi izitshudeni ezifundela ubudokotela ziyavunyelwa ukusiza ezibhedlela. Kulolu daba kusolwa ukuthi isitshudeni besingena ezibhedlela sizenza ofundela ubudokotela. Ngeke siphawule kakhulu ngalolu daba ngoba kuyaphenywa,” kusho yena.