Izindaba

Kubanjwe abasolwa ngenkunzi edolobheni

Nonthuthuko Ngubane|Published

KUBOSHWE abasolwa abathathu okusolwa ukuthi bese bekhathazile eThekwini bebamba abantu inkunzi njengoba betholwa nenkindlane yamaselula Isithombe: Pixabay KUBOSHWE abasolwa abathathu okusolwa ukuthi bese bekhathazile eThekwini bebamba abantu inkunzi njengoba betholwa nenkindlane yamaselula Isithombe: Pixabay

AMAPHOYISA aseMbilo abophe amadoda amathathu okusolwa ukuthi abebamba inkunzi eThekwini njengoba ebanjwe nesibhamu esiyithoyizi nenkindlane yamaselula okukholakala ukuthi antshontshiwe.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe amaphoyisa alandele imoto ebingenazo izinombolo. Abebeyishayela banede babona amaphoyisa imoto yadla amagalani.

“Imoto ibipake emgwaqweni uMoore. Amaphoyise athe uma esondela umshayeli wabaleka. Amaphoyisa ayisukele imoto yase iphaphalaza yashayisa. Abesilisa abathathu abaphakathi kuka-19 no-23 baboshiwe. Kuthe uma kubhekwa kule moto kwatholakala isibhamu esiyithoyizi. Kutholakale nenqwaba yamaselula,” kusho uColonel Mbele.

Uthe kufike abantu abathathu ngokuhlukana bezovula amacala okuthi babanjwe inkunzi baphucwa amafoni.

Abagilwa babe sebebuyiselwa amaselula abo, batshelwa nokuthi kunabantu asebeboshiwe.

“Abasolwa babhekene necala lokubamba inkunzi, elokutholwa nezimpahla ezintshontshiwe nelinye lokushayela budedengu. Bazovela enkantolo kusasa (namhlanje),” kusho uColonel Mbele.

Kuthiwa amadoda abese ekhathazile maphakathi nedolobha bebamba abantu abazihambela emgwaqweni inkunzi.

Abantu abake bagileka banxuswe ukuba bavule amacala eziteshini zamaphoyisa.

Uphenyo lamaphoyisa lusaqhubeka.