INGXENYE yezitshudeni zase-University of Zululand izolo ezibhikishe kulesi sikhungo zikhala ngokungayitholi i-data yokufunda nge-internet Isithombe:SITHUNYELWE INGXENYE yezitshudeni zase-University of Zululand izolo ezibhikishe kulesi sikhungo zikhala ngokungayitholi i-data yokufunda nge-internet Isithombe:SITHUNYELWE
ZIKHALA ngokungayitholi i-data ezathenjiswa yona ukuze zifundele emakhaya, izitshudeni zase-University of Zululand, oNgoye, izolo ezibhikishe ngaphandle kwenyuvesi.
Lezi zitshudeni zithi selokhu uNgqongqoshe weMfundo ePhakeme, uDkt Blade Nzimande, amemezela ukuthi kuzokhishwa i-data nama-laptop azikaze zithole lutho.
UFuture Nkalanga, omele i-EFF Student Command, uthe sebekhathele wukubanjiswa udonga nokuthenjiswa ubala.
“Okuyinkinga kakhulu ukuthi umsebenzi uyaqhubeka njengoba kufundwa nge-internet. Lolu daba kade lwethulwa kubaphathi besikhungo bathi bayalulungisa kusukela ngo-Ephreli kodwa alukho ushintsho. Bakhona abasebenzayo esikhungweni kodwa izidingo zethu azibhekelelwa,” kusho uNkalanga.
Uveze ukuthi akucaci nangodaba lokubuyela kwezitshudeni njengoba uNzimande ethe kumele kubuyele u-33%.
“Kunezitshudeni ezingu-30 kuphela ezitshelwe ukuthi zizobuyela ukuyoqedela ukufunda. Kunezinye ezifundela ubuthisha neDrama, okumele ngabe ziyaqeqeshelwa umsebenzi kodwa akushiwo lutho ngazo. Besilokhu silinde uJulayi 6 okwathenjiswa ngawo abaphathi besikhungo ukuthi izikhalo zethu zizobhekelelwa kodwa uze wadlula kungashiwo lutho,” kusho yena.
UMxolisi Khanyile, omele iSasco, uvumile ukuthi ikhona inkinga yokungayitholi i-data nama-laptop.
Uthe izitshudeni zethule incwadi yezikhalo izolo emuva kombhikisho ngaphandle kwesikhungo.
Okhulumela lesi sikhungo, uNkk Gcina Nhleko-Mdluli, uthe zikhona izitshudeni ezilethe incwadi yezikhalo izolo ekuseni. Akaphawulanga ngezikhalo ezibekwe yizitshudeni kodwa uthe incwadi yamukelwe wuhlaka olumele izitshudeni, bese ludluliselwa kubaphathi besikhungo.
Lesi sikhungo sihlaselwe yizinkinga ekuqaleni konyaka kunemibhikisho yezitshudeni, kwacekelwa phansi nempahla. Imibhikisho ibidalwa ukunganeliseki kwezitshudeni ngezindawo zokuhlala, uxhaso lweNsfas nokungakhethwa kwesigungu esisemthethweni esimele izitshudeni. Kwagcinwa kusatshiswa uMnuz Bongumusa Makhoba owayeqokwe ukuthi amele izitshudeni, wahoxa esikhundleni. Udaba lwesikhungo luze lwangenelelwa ungqongqoshe nomkhandlu wenyuvesi.
Ngesikhathi kuqala uthaqa bekusaqhubeka izingxoxo zokukhethwa kwabusha kwesigungu esimele izitshudeni. Okwamanje kuqokwe ikomiti elimele izitshudeni okwesikhashana njengoba kusalindwe ukuthi kube nokhetho olusemthethweni.