UMENGAMELI Cyril Ramaphosa utusa intsha yasemalokishini ngokusungula amabhizinisi esikhathini esinzima seCovid-19 Isithombe: JAIRUS MMUTLE UMENGAMELI Cyril Ramaphosa utusa intsha yasemalokishini ngokusungula amabhizinisi esikhathini esinzima seCovid-19 Isithombe: JAIRUS MMUTLE
UMENGAMELI Cyril Ramaphosa uthi kumhlaba umxhwele ukubona abantu abasebasha bengafuni ukudlulwa amathuba okusungula amabhizinisi abo, ikakhulukazi uma ithuba livela kulesi sikhathi sokubhebhetheka kweCoronavirus .
URamaphosa ukusho lokhu encwadini yakhe yamasontonke ephuma ngoMsombuluko lapho ekhuthaza khona abantu bakuleli ngokuthi basukume kube khona abazenzela kona kulesi sikhathi esinzima seCovid-19.
“Ngazisa abantu abasebasha ikakhulukazi emalokishini ukuthi abasebenzise amathuba akhona azobawelisela ekubeni ngosomabhizinisi.
Wenze isibonelo ngeCloudy Deliveries eseLanga, eCape Town.
Uthe okwenziwa yintsha yakule ndawo esisungule ibhizinisi lamabhayisikili ukuthuthela abantu impahla esuka ezitolo babahambisele emakhaya emalokishini, kuyamjabulisa.
Ubale nokwenziwa yintsha kwezinye izindawo njengaseLimpopo lapho abantu besungula khona amabhizinisi ngemali encane abanayo, nabo ubethulela isigqoko njengoba sekunabanye abantu asebebaqashile.
Uthe osekukhonjiswe abantu bakuleli ezinyangeni ezintathu ezedlule selokhu kwaqala icovid-19, kumenza aziqhenye ngabo.
“Okukhonjiswe osomabhizinisi abasebancane, yindlela yokulwa nokusabalala kwecoronavirus esilethe ushintsho olukhulu endleleni esiphila ngayo nesiqhuba ngayo amabhizinisi,” kusho uRamaphosa.
Uthe okwenziwa abantu abasha, kuhambisana nokwenziwa uhulumeni ebambisene nosomabhizinisi, izinyunyana zabasebenzi, izinhlangano zomphakathi, ongoti kwezomnotho namaqembu ezepolitiki ukuhlahla ikusasa emva kokudlula kweCovid-19.
URamaphosa uthe akulona kuphela elakuleli elibhekene nale ngcindezi yaleli gciwane, kwazise nomhlaba wonke ubhekene nesimo esifanayo.
Ngokuka Ramaphosa, nakuba kukhona uR500 billion owakhishwa uhulumeni ekufukuleni umnotho wakuleli, kumele kube khona izindlela ezinye ezicacile eziwuhlelo oluzosetshenziswa emva kweCovid-19.