UNKK Nomagugu Simelane-Zulu onguNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal usethembise ukuhlangana nezikhungo ezingoqhibukhowe ezihlolela abantu iCovid-19 kulesi sifundazwe Isithombe: SITHUNYELWE UNKK Nomagugu Simelane-Zulu onguNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal usethembise ukuhlangana nezikhungo ezingoqhibukhowe ezihlolela abantu iCovid-19 kulesi sifundazwe Isithombe: SITHUNYELWE
UNGQONGQOSHE wezeMpilo KwaZulu-Natal uNkk Nomagugu Simelane-Zulu, uthe uhlela ukuba nomhlangano ophuthumaya nodokotela bzikhungo ezingoqhibukhowe ezibonakala ziqubuka ngokukhula ukushesha kodwa zibe zibeka izinga labantu abahlaselwe yiCovi-19 esimeni esibucayi ngenxa yokuthi umsebenzi wazo aziwenzi ngendlela efanele.
UNkk Simelane-Zulu ukhulume kanje emva kokuthi uNdunankulu wakulesi sifundazwe ezwakalise ukuphatheka kabi ngalesi senzo esithangamini sabezindaba eThekwini ngeSonto esimayelana nezibalo zeCovid-19 KwaZulu-Natal, wabeka izizathu zokungahleleki komsebenzi owenziwa yilezi zikhungo.
“Okwalezi zikhungo kuyakhathaza ngoba nathi sibona sekufika imiphumela esikhathazayo ngazo. Lezi zikhungo zivesane zibeke itende bese zithi zihlolela abantu iCovid-19,” kusho uNkk Simelane-Zulu.
Ngokusho kwakhe, odokotela laba abanendaba nokuthi umuntu ukusiphi isimo, njengoba bayaye batshele nababahlolela leli gciwane ukuthi noma bangahlala ngaphakthi ezimotweni zabo, akunankinga.
“Kunemininingwane eminingi lezi zikhungo ezingayithathi kubantu ezibahlolayo. Sesihlele ukuthi sibe nomhlangano nazo maduze nje ngobuchwepheshe besimanje ukuze zisichazele ukuthi kwenzekani ngempela,” usho njalo.
Uthe bake baba nayo inkinga efanayo ngoMashi, kodwa babaxwayisa odokotela abenza lokhu.
Uthe njengoba sekucaca ukuthi sebaphinde babuyela kulokho ababekhuzwa ngakho phambilini, bazophinde bakhulume nabo ngoba kuningi okungahambi kahle abakwenzayo.