Izindaba

Kushone owesikole esivalelwe iCovid-19

Zanele Mthethwa|Published

SIGUBUZELWE yifu elimnyama isikole samabanga aphansi KwaNgenetsheni, eVryheid, esivalwe ngenxa yeCovid-19, osekuphinde kwashona nothisha. Isithombe esigciniwe: Jehran Daniel/African News Agency (ANA) SIGUBUZELWE yifu elimnyama isikole samabanga aphansi KwaNgenetsheni, eVryheid, esivalwe ngenxa yeCovid-19, osekuphinde kwashona nothisha. Isithombe esigciniwe: Jehran Daniel/African News Agency (ANA)

SIGUBUZELWE yifu elimnyama isikole samabanga aphansi KwaNgenetsheni, eVryheid, esivalwe ngenxa yeCovid-19, osekuphinde kwashona nothisha.

Isolezwe lithole ukuthi babili othisha baseSivulindlela Primary osekutholakale ukuthi nabeCovid-19, osekuphoqeleke ukuthi isikole sivalwe. Yize uthisha oshonile kungaqinisekiswanga ukuthi ubulawe yini kodwa umndeni wakhe uthe ngeke ukuchithe ukuthi ubeneCovid-19. UMnuz Petros Mthethwa ongumfowabo kamufi uNkk Agrineth Nhlanzi, uthe ubevele esekhaya ngoba wasayina incwadi yokuthi ngeke abuyele esikoleni ngenxa yokuba mdala, okumbeka engcupheni yokuhaqwa yigciwane.

Uthe udadewabo ubeneminyaka engu-60, okwenze ukuthi anqume ukungabuyeli esikoleni.

“Ubenazo izimpawu zomkhuhlane kodwa engakhombisi ukubambeka kakhulu. Ngamshayela ucingo ngoLwesine ntambama ngibuza ukuthi unjani, wathi uzizwa engcono. Kuthe emuva kwamahora amabili ngikade ngikhuluma naye, ngathola ucingo lokuthi usexineke kakhulu. Kuthe ngingakafiki kuyena ekhaya ngathola olunye ucingo luthi useshonile,” kuchaza uMthethwa.

UMthethwa onguthishanhloko kwesinye isikole, uthe udadewabo ubefundisa uGrade 4, 5 no-6. Uthe ubekhathazekile esaba ngokubheduka kweCovid-19 nangokuvulwa kwezikole.

UMthethwa uthe umndeni wakhe uthole ukuthi umufi ubenovalo kakhulu, okusolwa ukuthi ludale ukhwantalala nengcindezi kakhulu emqondweni.

“Yize udadewethu ebengakaze ahlolwe ukuthi unalo yini igciwane, ngeke sikuphike ukuthi ubenalo ngoba asazi. Ubenazo izimpawu zomkhuhlane kodwa engahlolwanga, wanqaba nokuya kudokotela. Esikhathini samanje uma kushone ilungu lomndeni kumele nivele nithathe ngokuthi libulawe iyona iCovid-19 uma singekho isiqiniseko. Nathi sizowusingatha ngaleyo ndlela umngcwabo wakhe ngaphansi kwemibandela yeCovid-19,” kusho yena.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo esifundazweni uMnuz Sihle Mlotshwa, uthe sebewutholile umbiko ngokushona kukathisha obegulela ekhaya.

“Ubengakaze aye esikoleni kusukela kuvuliwe ngoba wacela ukuhlala ekhaya ngenxa yeminyaka yakhe. Sidlulisa amazwi enduduzo emndenini wakhe,” kusho yena.

Mayelana nokuvalwa kwesikole, uthe kuwumgomo ukuthi sivalwe ukuze sihlanzwe uma kukhona abahaqekile.