Izindaba

Kushayisana imibono ngokubuyakukaButhelezi ePhalamende

KHETHA SANGWENI|Published

IMIBIKO ithi uMengameli we-IFP uMnuz Velenkosini Hlabisa angase athushuke ePhalamende angene esikhundleni senkosi Mangosuthu Buthelezi Isithombe : DOCTOR NGCOBO/AFRICAN NEWS AGENCY(ANA) IMIBIKO ithi uMengameli we-IFP uMnuz Velenkosini Hlabisa angase athushuke ePhalamende angene esikhundleni senkosi Mangosuthu Buthelezi Isithombe : DOCTOR NGCOBO/AFRICAN NEWS AGENCY(ANA)

KWEHLUKENE imibono ngaphakathi kwi-IFP ngoshintsho okuthiwa lungase lwenzeke lapho kuzonyuka uMengameli wayo uMnuz Velenkosini Hlabisa aye ePhalamende, bese inkosi Mangosuthu Buthelezi iyophumula.

Isolezwe ngeSonto lithole ngemithombo yalo ukuthi babodwa abathi basadinga uButhelezi abahole ePhalamende ngobuhlakani bakhe. Kuthiwa abanye bathi kulungile noma angathi khumu bese beqhubeka nokuncela ulwazi neziyalo kuyona, njengomsunguli weqembu olihole ezikhathini ezinzima.

Kuthiwa bonke abe-IFP bayavumelana ngokuthi uShenge uyinqolobane yobuhlakani abayidingayo eqenjini kodwa imibono yehlukana ekutheni aqhubeke ePhalamende noma ayophumula. Imithombo emithathu ezikhininda zonke eze-IFP, ikuqinisekisile ukuthi kukhona inkulumo ngesikhundla somholi ePhalamende kodwa yathi wudaba oluphethwe ngobunono bekati.

Kuthiwa uButhelezi usaqhubeka nokwenza umsebenzi ojwayelekile njengomholi weqembu ePhalamende.

"Sengathi uNdabezitha (uShenge) uzothi khumu ayoziphumulela ekhaya bese uHlabisa eya ePhalamende. Ukubonisana kuyaqhubeka ngaphakathi eqenjini kodwa akukabi bikho okuqinisekisiwe,’’ kusho umthombo. UHlabisa ukhethwe engqungqutheleni ye-IFP ngo-Agasti wonyaka odlule ngesikhathi uButhelezi ebeka phansi izintambo.

Emuva kwengqungquthela uHlabisa akayanga ePhalamende kodwa wahlala kwisiShayamthetho KwaZulu-Natal nakuba ekhethwe kwesokuba wumengameli.

Okhulumela i-IFP uMnuz Mkhuleko Hlengwa, ebuzwa ngoshintsho lwasePhalamende, uthe alukho ushintsho alwaziyo maqondana noHlabisa noShenge. Uthe kusazohlala umhlangano weqembu ezwe kahle kuwona kodwa ubengakezwa lutho olunjalo.

" Ayikho ingxoxo enjalo, uhlu lwethu lwasePhalamende asikaze siluthinte nje nhlobo. Iqembu lenza kahle kakhulu ePhalamende okwamanje. Ngicela sixhumane emuva komhlangano wesigungu esiphezulu ngoMsombuluko (kusasa)," kusho uHlengwa.

UShenge uyilungu lePhalamende elidala kunawo wonke njengoba eneminyaka engu-91 ubudala futhi esemnkantshubomvu kwezepolitiki. Ukuhlala kwePhalamende kuqhubeka ngohlelo lwezobuchwepheshe njengoba kubhoke igciwane iCorona.