YIBO laba bafana asebesekubhaceni ngenxa yokubonakala bephethe isikhwama esinyinyitheka imali Isithombe:FACEBOOK YIBO laba bafana asebesekubhaceni ngenxa yokubonakala bephethe isikhwama esinyinyitheka imali Isithombe:FACEBOOK
AMABHUNGU amabili abonakale kwi-video ephethe isikhwama esigcwele sinyinyitheka imali, okucatshangwa ukuthi ingaphezu kukaR1 million, asephoqelekile ukuba ashiye amakhaya akubo, ayobhaca.
Lokhu kwenzeke emuva kokuba amaphoyisa amane etheleke kubo kwawo ezobuza kabanzi ngemali okubonakale lamabhungu egabisa ngayo kuFacebook.
Ngesikhathi le video, eveza omunye wawo ehlafuna imali engamaphepha, ivela kuthiwe lamabhungu ngawaselokishini laseLamontville futhi abhadame lesi sikhwama ehlathini lakule ndawo.
Yize kunjalo kodwa umalume walama bhobhodleyana, ocele ukungadalulwa, uphikile , watshela iphephandaba elishicilelwa ndawonye ne Solezwe, i Daily News, ukuthi lezi zumbulu zemali ngezakhe.
"Laba bafana benze le-video kodwa kungamanga aluhlaza ukuthi imali itholiwe, imali yami le ebengiyongile. Ngiyithole ngokudlala amabhanoyi nokubheja futhi ngibeka imali yestokofela kulesi sikhwama. Umfowethu ufake i-video ezinkundleni zokuxhumana kodwa ngokushesha wayehlisa. Nakuba kunjalo, omunye umfana uyithathile le-video wayenza i-status sakhe. Iqale lapho le-video ukusabalala," kusho yena.
Uthe ubuye agembule futhi uhlale ewina izizumbulu zemali abeyigcinele ukulungisa umuzi wakhe. Uthe nguye ohambise abafana nemali.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe kunophenyo oluvuliwe.
"Asikho isiqiniseko sabantu namaphoyisa aye kubo kwabafana. Abantu abanolwazi ngalesi sigameko kumele babone umphathisiteshi waseLamontville," kusho uColonel Mbele
ReplayMute
Loaded: 100.00%
Remaining Time -0:00
Picture-in-PictureFullscreen
ABAFANA ababili bekhangisa ngemali ngemali ebalelwa kuR1 million