Izindaba

Umshayeli wetekisi udutshulwe wafa

Nonthuthuko Ngubane|Published

UDUTSHULWE ngentululwane yezinhlamvu umshayeli wetekisi waseMadadeni empini okusolwa ukuthi iphathelene namatekisi UDUTSHULWE ngentululwane yezinhlamvu umshayeli wetekisi waseMadadeni empini okusolwa ukuthi iphathelene namatekisi

UMSHAYELI wetekisi udutshulwe wafa emuva kokuba ithimba leSantaco elixazulula izinkinga ematekisini libe nomhlangano wokuzama ukuletha ukuthula kusoseshini waseMadadeni, Masihambisane Bara-Buffalo.

Umshayeli, igama lakhe ebelingakadalulwa, udutshulwe eku-N11 eMnambithi izolo.

Kuqhamuke abantu abavele bavulela ngenhlamvu etekisini ebisuka eNewcastle.

Itekisi iphaphalazile yashayisa isigxobo sensimbi ebesingaphandle komgwaqo. Umshayeli kuthiwa ushonele khona lapho.

Kuthiwa ekunesikhathi kukhona ukungaboni ngaso linye kusoseshini kubangwa izinto umzila nobulungu.

Obulewe kuthiwa bekungeyena owokuqala. Ezinyangeni ezedlule kukhona abanye abahlaselwe kodwa lokho bekungakaqinisekiswa amaphoyisa.

Imenenja ehhhovisi leSantaco e-KZN, uMnuz Sfiso Shangase, ithe bayazi ngezinkinga kuloya soseshini kodwa bebesazama ukuzilungisa.

“Siyazi ukuthi kukhona into ebiyenzeka lukasoseshini waseMadadeni. Abaholi bethu ababhekelene kakhulu izinxushunxushu embonini bebelapha ngoLwesibili bezama ukuyongenelela ukuze kube nesisombululo. Engingakuphawula wukuthi bekukhona ukungaboni ngaso linye ngaphakathi kumalungu kasoseshini. Udaba lokulimala kobeshayela imoto besingakwezwa ukuthi lenzeke kanjani. Sifisa ukuthi babikele emaphoyisa abanolwazi. Thina asikholelwa ukuthi kumele kuxazululwe izinkinga ngesibhamu. Siduduza umndeni oshonelwe. Sizolulandelela udaba siyiSantaco,” kusho uShangase.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe:

“Namhlanje (izolo) ngo-7.10 ekuseni kudutshulwe owesilisa oneminyaka ewu-51 obeshayela itekisi ku-N11 eMnambithi. Kuthiwa kuqhamuke imoto engaziwa, abaphakathi badubula. Uzamile ukushayela abaleke kodwa washayisa isigxobo. Kuvulwe icala lokubulala esiteshini samaphoyisa eMnambithi. Kusaphenywa,” kusho uCol. Mbele.

Kuthiwa onolwazi ngalesi sigameko angathinta amaphoyia ukuze kuboshwe ababulali.