UNGQONGQOSHE wezokuThutha kuzwelonke, uMnuz Fikile Mbalula, uchaza ngesinqumo sokulayishwa kwabagibeli u100% Isithombe:ESIGCINIWE UNGQONGQOSHE wezokuThutha kuzwelonke, uMnuz Fikile Mbalula, uchaza ngesinqumo sokulayishwa kwabagibeli u100% Isithombe:ESIGCINIWE
UNGQONGQOSHE wezokuThutha kuleli, uMnuz Fikile Mbalula, usevikele isinqumo sikahulumeni sokuvumela ukuthi amatekisi alayishe abagibeli bagcwale phama ematekisini yize idla amagalane iCovid-19.
UMbalula uthe uhulumeni uthathe isikhathi eside ukwenza imboni yamatekisi isebenze ngokusemthethweni futhi ithole uxhaso.
Evikela isinqumo sokuvumela amatekisi alayishe u100% wabagibeli uma engeke eqe ibanga elingu200km, okuyisinqumo esigxekwe kakhulu ngoba kusolwa ukuthi sizobhebhethekisa igciwane leCovid-19, uMbalula uthe isimo besizokuba bucayi kule mboni ukube iqhubekile nokulayisha abagibeli abawu70%.
Uthe abanikazi bamatekisi bebengafakiwe esikhwameni sezinxephezelo sikaR500 billion esamenyezelwa wuMengameli Cyril Ramaphosa futhi noR1 billion owawuzokhokhela osomatekisi kanye, awuhlangene nezindleko le mboni engene kuzo.
"Asifuni 100% futhi asifuni 70%. Sifuna u50% ukuze sibone kahle ukuqhelelana kwabagibeli. Uma bekufanele wenze njalo...50% ematekisini, asibhekane neqiniso, beyizoba kuphi imboni yamatekisi ezinyangeni ezimbili ezizayo? Ngubani obezobakhokhela imali abayikweletayo yamatekisi? namabhange sisaxoxa nawo ukuba ahlehlise izikweletu? Akusho lokho ukuthi kuzoqedwa izikweletu."
Uthe ngesikhathi ethatha izintambo zokuphatha lo mnyango, wakubeka kwacaca ukuthi umgomo wakhe ukulungisa le mboni. Uthe kunezingxoxo ezisaqhubeka phakathi komnyango nabamele le mboni mayelana noxhaso.
"Le mboni inkulu kwezokuthutha, ngakho kufanele ivikelwe. Uhulumeni udinga ukuvikela nokwesekela imboni. Yilokho esibhekene nakho."
UMbalula uthe ongoti bezempilo yibo abaluleke ngokuthi amatekisi akufanele agcwale kakhulu, kufanele avule kancane amafastela ngesikhathi sohambo futhi abashayeli nabagibeli bagqoke izifonyo.
Uthe ukuhlanzwa kwamatekisi ngezibulalimagciwane nokuqhelelana kusemahlombe abanikazi bamatekisi.
Oyiphini likasihlalo weSantaco eKZN, uMnuz Sifiso Mthethwa, uthe abanenkinga nokuthi imboni ilawulwe kodwa lolu wudaba oludala kabi. Uthe abahambisani nokuthi lolu daba ludingidwe ngesikhathi seCovid-19 ngoba ziningi izinto ezidinga kuxoxiswane ngazo.