Kwesobunxele isikhulu esiphezulu kwiNelson Mandela Foundation uMnuz Sello Hatang noNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Sihle Zikalala ngesikhathi bememezela izinhlelo zokusiza isikole iLangalakhe High, eMgungundlovu Kwesobunxele isikhulu esiphezulu kwiNelson Mandela Foundation uMnuz Sello Hatang noNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Sihle Zikalala ngesikhathi bememezela izinhlelo zokusiza isikole iLangalakhe High, eMgungundlovu
UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnuz Sihle Zikalala, umemezele ukuthi uhulumeni wesifundazwe uzohlinzeka ngohlelo lwezobuchwepheshe isikole iLangalakhe High, eMgungundlovu. Lokhu kuyingxenye yokugubha usuku lukaMengameli wokuqala wentando yeningi uDkt Nelson Mandela.
Usuku lokuzalwa lukaMandela nonyaka lugujwa ngoMgqibelo.
UZikalala wenze lesi simemezelo ngesikhathi ethula iMandela Day Safe Sanitation, okuwuhlelo lokuhlanza izikole.
INelson Mandela Foundation enohlelo lokuhlanza izikole elwenza ngokubambisana nenkampani yakwa-Engen, izonikela ngesikhungo esisezingeni eliphezulu sokuhlanza esikoleni iLangalakhe. Lesi sikhungo sizonikeza abafundi nothisha isithunzi.
Lolu hlelo luqhutshwa emva kwekhwelo likaMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa lokuthi akuhlanzwe izikole ngenhloso yokunqanda ukubhebhetheka kweCorona
Ngesikhathi ethula uhlelo, uZikalala uphinde wamemezela ukuthi kukhona uhlelo lwezobuchweshephe abazolwethula kulesi sikole ngenhloso yokujabulisa abafundi.
Inhloso yohlelo lwezobuchweshephe oluzolekelela kwiMaths neScience ukusiza izikole zasemakhaya ezingenazo izinsiza ezanele.
UZikalala unxuse abaholi ukuba balandele ezinyathelweni zikaMandela owayeqhakambisa imfundo njengesikhali esiphambili.
“UMandela wayebeke imfundo eqhulwini ehlale esho futhi ukuthi iyona engenza ingane yomuntu omnyama ibengumengameli,”kusho uZikalala.
Ucaphune amazwi kaMandela lapho ethi imfundo yisona sikhali esingashintsha umhlaba.
Isikhulu esiphezulu kwiNelson Mandela Foundation uMnuz Sello Hatang sithe bajabule ngokusiza kulesi sikole emva kwekhwelo likaMengameli elithi akulekelelwe izikole.
Uthe lezi zinhlelo zibuyisa isithunzi kulesi sikole.