Izindaba

BUKA inkonzo yesikhumbuzo sikaNksz Zindzi Mandela

Charles Khuzwayo|Published

UNKSZ Zindzi Mandela uchazwe njengeqhawekazi ebeliyithemba lawoo wonke umuntu obazana naye UNKSZ Zindzi Mandela uchazwe njengeqhawekazi ebeliyithemba lawoo wonke umuntu obazana naye

UMENGAMELI wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa, uchaze umufi uNksz Zindzi Mandela njengomholi obesezingeni lakhe futhi oshiye umsizelo okumele ulandelwe yiningi. 

URamaphosa ubekhuluma kwisikhumbuzo saleli qhawe ebesibanjelwe ezinkundleni zokuxhumana wuphiko lwabesifazane, i-African Congress Women's League izolo ebusuku. 

Bonke abebethamele le nkonzo yesikhumbuzo ngokwehlukana ngenxa yokuhlonipha imithetho yokuvalwa kwezwe ebangelwe yisifo iCovid-19.

 UNksz Mandela (59), obeyiNxusa lakuleli eDenmark,  ushonele esibhedlela saseGoli ekuqaleni kwesonto ngenxa yesifo esihlobene neCovid-19.

URamaphosa uthe ngeke uNksz Mandela akhunjulwe ngenxa yokuthi uzalwa ngobani kodwa uzokhunjulwa ngamagalelo akhe emzabalazweni ukuze kukhululeke abantu bakuleli.

"Ubeyisishoshovu somzabalazo. Ukuzinikela kwakhe ekulweleni inkululeko nobunzima adlula kubo kusinikeze sonke ugqozi," kusho uRamaphosa. 

Ubonge kakhulu umndeni wakwaMandela ngokuba nesibindi sokuphumela obala ngesifo esimthathile yize sinesigcwagcwa. 

UNkk Nomvula Makonyane uthe uNksz Mandela ubeyithanda impilo nobuhle. 

"Yingakho sigcobe izindebe zethu ngama-lipstick yingoba sihlonipha yena," kusho uNkk Makonyane. 

Uthe indodana yakhe uZondwa ubakhumbuze ukuthi  unina ubekwazi ukuvimba  ibhomu lingaqhumi ene-lipstick nezinwele ezinhle ngoba wayezithanda. 

Iphini likaMengameli we-ANCWL, uNkk Sisi Ntombela, uchaze uNksz Mandela njengomuntu obeyithemba lawo wonke umuntu. 

Abanye akade bethamele le nkonzo yiPhini likaNobhala-Jikelele we-ANC uNkk Jessie Duarte nomengameli we-ANCWL, uNkk Bathabile Dlamini. Umufi ufihlelwe emathuneni iFourways Memorial Park, enyakatho yeGoli, eduze kukanina nabazukulu ababili. 

undefined