Izindaba

Bazozilayisha zigcwale abathutha abafundi

Nonthuthuko Ngubane|Published

UNGQONGQOSHE wezokuThutha kuzwelonke, uMnuz Fikile Mbalula UNGQONGQOSHE wezokuThutha kuzwelonke, uMnuz Fikile Mbalula

OMALUME abathutha abafundi bavumelekile ukuba balayishe bezigcwalise izimoto zabo.

Lokhu kushiwo uNgqongqoshe wezokuThutha uMnuz Fikile Mbalula ngesikhathi kunesithangami nabezindaba, ngezinto ezithinta umnotho.

UMbalula uthe njengoba izimoto ezihamba amabanga amafushane zivumelekile ukulayisha zigcwale kanjalo nalezo ezilayisha abafundi.

“UMengameli uCyril Ramaphosa umemezele ukuthi amatekisi ahamba amabanga amafushane azolayisha agcwale ngo-100%, kanjalo nezimoto ezihamba emphakathini amabanga amafushane okubalwa ama-cabs, ama-meter taxi, izimoto ezithutha abafundi, amabhasi nezinye zokuthutha umphakathi, nabo bazolayisha bagcwalise (100%),” kusho uMbalula.

Abalayisha amabanga amade, okuyibanga elisuka ku-200 km kuya phezulu, bona bazolayisha * -70%. Abazogibela bazodinga izimvume.

UMbalula uthe kumele amatekisi ahlanzwe ngaphambi kokuthatha abagibeli.

Uthe udaba lwamatekisi alubanga lula ngoba kukhona abebelugxeka kodwa bafike esinqumeni esifanele.

“Udaba lwamatekisi beludinga ukuthi sibeke imizwa yethu eceleni bese sibheka ukuthi yini efanele. Ngithanda ukubonga abamabhange ngokuvuma ukungenelela ukuthi bazobasiza abamatekisi abanezimoto abazikhokhelayo. Phakathi kwezinto abazobalekelela ngazo ukubanika ithuba uma bengakwazanga ukukhokha ukuba babuye bakhokhe,” kusho uMbalula.

Uthe akakhulumanga nabamabhange ngoba esengumkhulumeli wabamatekisi kodwa bekubhekelwa isimo.

Uthe yize amanye amatekisi evunyelwe ukulayisha agcwale kodwa abadingeki abantu abangezwa abangeke bazifake izifonyo ngendlela efanele.

“Abashayeli abafake izifonyo ngaso sonke isikhathi. Siyazi ukuthi kukhona abantu abangamahlongandlebe, abafuna ukubona abantu beshona. Ukungalaleli akufuneki. Siyazi ukuthi kukhona abebelandela imiyalelo ngezifonyo, abaqhubeke benze kanjalo. Balandele yonke imithetho yokuphepha,” kusho uMbalula.

Uthe yize kukhona ababagxekile ngalesi sinqumo kodwa bese bexoxile nezinhlaka ezifanele babavumelana ngokuthi kuzokwenzeka lokhu kahle nje uma kulandelwa imithetho yezokuphepha.

Abamatekisi uthe basazoxhaswa ngo-R1 billion ababekelwe wona. Uthe kunezinhlelo zokwenza imboni yamatekisi ibe semthethweni kanti izingxoxo ngalokhu zizophothulwa ekupheleni kuka-2020.

Utshwala bona uthe ngeke nje buthuthwe njengoba bumisiwe, ngaphandle kotshwala obuyiswa ngaphandle kwamanye amazwe, nobusetshenziselwa ezempilo nobokwenza ama-sanitiser.

Uphinde waveza ukuthi ezinye izikhumulo zezindiza ezintathu ezizovulwa ngo-21 Julayi, i-East London, iGeorge eWestern Cape neKimberly. Uthe bazihlolile bathola ukuthi ziphephile.