Izindaba

URamaphosa uthi izobuyekezwa eyokuvulwa kwezikole

Nonhlanhla Shangase|Published

UMENGAMELI Cyril Ramaphosa uthi ikomidi elibhekele izinhlelo zokulwa neCovid-19 kuleli zizobuyekeza isinqumo zokubuyela kwezingane ezikoleni njengoba leli gciwane lidla amagalane Isithombe: African News Agency (ANA) UMENGAMELI Cyril Ramaphosa uthi ikomidi elibhekele izinhlelo zokulwa neCovid-19 kuleli zizobuyekeza isinqumo zokubuyela kwezingane ezikoleni njengoba leli gciwane lidla amagalane Isithombe: African News Agency (ANA)

UMENGAMELI Cyril Ramaphosa useveze ukuthi ikomidi elibhekele izinhlelo zokulwa nokubhebhetheka kweCovid-19 kuleli, iNational Coronavirus Command Council, izobuyekeza kabusha ukuthi kufanele yini abafundi baqhubeke nokuya ezikoleni.

URamaphosa ubekhuluma embizweni yomphakathi izolo ebeyenziwe ngobuchwepheshe bezokuxhumana abehlose ngayo ukuphendula imibuzo yabantu bakuleli ngezinto eziningi ikakhulukazi ezithinta izinhlelo zeCovid-19.

Udaba lokusuleleka kothisha nezingane ezikoleni yilona obeluseqhulwini kule mbizo.

"Inhlangano iWorld Health Organisation ike yasixwayisa ngobungozi bokubuyela kwezingane ezikoleni.....kodwa ikomidi elibhekele izinhlelo zeCovid-19 yilona elizonquma ngalokhu,"kusho uRamaphosa.

Uthe njengoba zonke izinhlaka ezithintekayo zakwazi ukuvumelana ngo-elethu ekutheni kuvulwe izikole, namanje kumele zikhulume kuboniswane futhi kuvunyelwane ngento eyodwa njengoba kwenzeka nasekuqaleni.

Kuleli sonto izinyunyana zothisha zicele umhlangano ophuthumayo noNgqongqoshe weMfundo eyiSisekelo, uNkk Angie Motshekga. Kodwa lo mhlangano uhlehliswe ngemizuzu yokugcina kwathiwa uNkk Motshekga usambambe imihlangano nezinhlaka ezithintekayo.

ISadtu ikhale ngokuthi lesi yisikhathi esingesihle sokuthi izingane zibe sezikoleni ngoba leli gciwane lidla amagalane futhi nezibalo zilokhu ziqombole njalo zothisha nabafundi okutholakala ukuthi sebehaqwe yileli gciwane.

Phambilini kuleli sonto, uNobhala Jikelele weSadtu, uMugwena Maluleke utshele abezindaba ukuthi ukufuna kwabo ukuthi kuvalwe izikole akuhambisani nenkani, kodwa bafuna kuboniswane.

"Asisho ukuthi akuvalwe izikole nje kuphela, sinamasu nezinhlelo esifuna ukuziphakamisa eMnyangweni kuxoxiswane ngazo. Kukhona nohlelo esinalo ngokuthi kumele kwenziwe njalo ngabafundi bakamatric,"kusho uMaluleke.

Uthe ukuyisa uMnyango enkantolo ngalokhu sekuyoba yinto yokugcina, kodwa abakufunayo njengamanje ukuthi kuhlalwe phansi kuhlelwe kabusha ngoba iCovid-19 idla amagalane.

NePublic Servants Association ihuba ihubo elifanayo neleSadtu.

Esitatimendeni esikhiphe kuleli sonto iveze ukuthi isibhalele uRamaphosa imnxusa ukuthi zivalwe izikole ngoba othisha nezingane batheleleka nsuku zonke selokhu zivuliwe izikole.

Imizamo yokuthola ukuphawula kokhulumela uMnyango weMfundo eyiSisekelo, uMnuz Elijah Mhlanga ibingakabi yimpumelelo.