Izindaba

Baphawula ngokuvalwa kotshwala

Mlungisi Gumede|Published

IMDIMA’S Tavern eHammarsdale enye yezindawo zokucima ukoma umnikazi wayo okhulume neSolezwe mayelana nesinqumo sikahulumeni sokuvala ukudayiswa kotshwalwa IMDIMA’S Tavern eHammarsdale enye yezindawo zokucima ukoma umnikazi wayo okhulume neSolezwe mayelana nesinqumo sikahulumeni sokuvala ukudayiswa kotshwalwa

KUHLUKENE imibono kubanikazi bezindawo zokucima ukoma mayelana nesinqumo sikahulumeni sokuphinde avale utshwala.

Utshwala bese buvalwa okwesibili emuva kokubheduka kweCorona.

Ngesikhathi uhulumeni ememezela uthaqa wamemezela ukuthi uyabuvala utshwala kodwa wabuye wabuvula ngoba ethi bufaka imali eningi emnothweni wezwe.

Emuva kokubonakala sinyuka isibalo sabangena ezibhedlela ngenxa yokulimala kade bephuza nokufaka ingcindez kwezempilo njengoba sinyuka isibalo sabaneCorona uhulumeni ngeSonto uphinde wakuvala ukudayiswa kotshwala.

Isolezwe izolo lihambele izindawo ezehlukene zokucima ukoma ukukhuluma nabanikazi bazo ukuze lithole imibono yabo mayelana nesinqumo.

Isisho sesiZulu esithi abantu abayi ngangxanye bengemanzi sifakazelekile izolo ngenxa yokuphawula okwehlukene ngodaba lotshwala.

UNksz Sibaningi Mkhize, umnikazi weMkhize Tavern eHammarsdale, uthe nakuba ibhizinisi labo lishayeka kodwa uyahambisana nesinqumo sikahulumeni.

“Uma sizobeka eceleni indaba yemali, ukuphepha kwabantu kubalulekile, ngoba manje kufana nokuthi kunempi. Uma kunempi kumele abantu bahlale ezindlini ukuze baphephe, uhulumeni uvikela thina ngezinqumo azithathayo ngoba akafuni sife,” kusho uNksz Mkhize.

Uthe kunzima khona kodwa uyasiqonda isimo.

UNkk Sibongile Shange, umnikazi weMdima Tavern, khona futhi eHammarsdale, uthe uphatheke kabi ngesinqumo sikahulumeni sokuvala utshwala.

“Besithenge inqwaba yotshwala sithi siyazama ukudayisa kodwa manje sebuyavalwa futhi. Lokho kusho ukuthi thina siyalahlekelwa ngoba buzokonakala njengoba buzoduva singasabudayisi,” kusho uNkk Shange.

Uthe isinqumo sikahulumeni simshaya kakhulu yena ngoba emzini wakhe kuphilwa ngayo imali yethaveni.

“Asazi manje ukuthi sizophila ngani njengoba ithaveni isivaliwe,” kusho uNkk Shange.

Uthe kwakhona ukuvula phakathi nezinsuku kusukela ngoMsombuluko kube ngoLwesine bekungabasizi bona ngoba abantu basuke bengekho phakathi nezinsuku.

“Ayikho imali esiyenzile phakathi nezinsuku ngabe mhlawumbe kungcono ukuthi bekuthiwe asivule ngempelasonto abantu behleli emakhaya.”

UMnuz Sipho Khumalo, umnikazi weMabaso’s Tavern, kwaNdengezi, uthe isinqumo sishaya kakhulu osomabhizinisi abancane.

“Iningi lethu liphila ngayo imali esiyidayisayo kanti okubuhlungu kakhulu wukuthi nemali uhulumeni athi uxhasa ngayo izimboni ezishayekile ngenxa yeCorona kuba yimidanti ukuyithola,” kusho uKhumalo.

Uthe akazi uzowuphilisa ngani umndeni uma kuvalwe ibhizinisi.

Uthe ngabe uyezwa ukuthi uhulumeni ubanike isikhathi wathi emuva kwesikhathi esithile kumele bebe sebeqedile ukudayisa hhayi ukuthi avele athi abavale engabaxwayisanga.

Iningi lezindawo ithimba leSolezwe ebelithi liyazihambela bezivaliwe kulenga izingidi emva kwesimemezelo sokuthi azivalwe.