Izindaba

Izinyunyana zididekile kuhlehla umhlangano wazo noNkk Angie Motshekga

Sihle Mlambo|Published

AKUCACI ukuthi umhlangano obekumele ube phakathi kwezinyunyana zothisha noNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo uNkk Angie Motshekga uhlehliswe yini njengoba bekumele ube namhlanje Isithombe: Jonisayi Maromo/African News Agency (ANA) AKUCACI ukuthi umhlangano obekumele ube phakathi kwezinyunyana zothisha noNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo uNkk Angie Motshekga uhlehliswe yini njengoba bekumele ube namhlanje Isithombe: Jonisayi Maromo/African News Agency (ANA)

ZAZISWE ngomzuzu wokugcina ngoLwesithathu ekuseni izinyunyana zothisha ukuthi umhlangano ophuthumayo obekumele zibe nawo noNgqongqoshe woMnyango weMfundo eyisiSekelo, uNkk Angie Motshekga usuhlehlisiwe.

Lo mhlangano bekumele ube phakathi kwezinyunyana ezimele othisha noNgqongqoshe walo mnyango.

Umqondisi oMkhulu weNational Professional Teachers Union (Naptosa), uMnuz Basil Manuel, uthe lo mhlangano uhlehliswa nje bekubaluleke kakhulu ukuthi bahlangane nalo mnyango.  

“Asisazi isizathu esenze umhlangano wahlehliswa. Akekho omele izinyunyana owaziyo ukuthi kukhulunywe nobani. Asazi noma kukhulunywe noMkhandlu woNgqongqoshe kwezeMfundo kulo mnyango".

“Asethembe kuzohamba kahle yonke into ngoba kuningi okumele kukhulunywe, njengombono wethu njengezinyunyana ngokuthi kuvalwe izikole kulesi sikhathi sokudlanga kweCovid-19. Sifuna kuxoxwe nangendlela uMatric okumele akwazi ukuqhubeka ngayo kulo nyaka,” kusho uManuel.

Uthe ukuhlangana kwabo noNkk Motshekga bekubalulekile njengoba nothisha ezikoleni bebefuna ukwazi ukuthi kwenzekani, nokuthi bebengakabatsheli ukuthi bangayi ezikoleni phezu kokuthi kade sebememezele ukuthi lo mnyango uzivale izikole ngenxa yokubhebhetheka kwecoronavirus kulesi sikhathi.

“Nathi sinombono wethu esifuna ukubonisana ngawo (noMnyango wezeMfundo). Akukona ukuthi sifuna nje ukuthi kuvalwe izikole ngaphandle kohlelo esinalo,” usho njalo.

Uthe bebefuna ukucacisa nokuthi bafuna izikole zivalwe isikhathi esingakanani, nokuthi kubuyelwe nini ezikoleni, kwazise yizinto okubalulekile ukuthi zazeke.

“Okunye esikushoyo ukuthi njengamanje sibhekene nenhlekelele, kungani kumele sikungabaze lokho. Sifuna futhi kukhulunywe nangesimo somqondo sothisha bethu ngoba banokwesaba,” kuchaza uManuel.

Uthe othisha  njengoba besekhona ezikolen, balindele “ukucaciseleka okuphelele” namhlanje.

Khona manjalo uMkhandlu woNgqongqoshe kwezeMfundo umemezele ngoLwesibili ukuthi isinqumo sokuvalwa kwezikole, sizothathwa yiKhabhinethi.

"Ukuthi izikole ziyavalwa noma azivalwa sizothathwa yiKhabhinethi. Esinye sezizathu ezenza ukuthi izikole zivulwe kancane kancane, kwakuwukuthi bonke abafundi bangancishwa amalungelo abo kwezemfundo,” kusho lo Mkhandlu.

Uxwayise othisha nothishanhloko ngokuhlasela lo mnyango, wathembisa ukubathathela izinyanthelo bonke abaphazamisa ukufunda nabafuna kuvalwe izikole.