Izindaba

Ushonile uthisha owalimala behlaselwa

Nonthuthuko Ngubane|Published

UMNUZ MJ Majola UMNUZ MJ Majola

KUGCINE kumenele uthisha owalimala behlaselwa ngezibhamu etekisini kwaSwayimane, eMgungundlovu.

Othisha bezikole ezintathu eziseWartburg bahlaselwa badutshulwe besetekisini elalibahambisa emsebenzini ngoJuni 23.

Kwashona umshayeli.

Izolo kushone uthisha waseMasijabule Primary, uMnuz MJ Majola okuthiwa ubekade ekhishwe esibhedlela Inkosi Albert Luthuli ngoLwesine.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo, uMnuz Kwazi Mthethwa, ukuqinisekisile ukushona kwakhe.

“Sidumele kakhulu kushona uthisha owayekhona kudutshulwa. Umnyango uthi dudu kubangani, umndeni, othisha abafundi ikakhulukazi abakulesi sikole esilahlekelwe uthisha ngalolu hlobo. Sizoqhubeka sisebenzisane neminye iminyango kahulumeni ukulekelela abafundi nothisha ngokululekwa ngokomqondo,” kusho uMthethwa.

Kwalimala othisha abathatnu kwabaseMasijabule High, eMbava Primary kwakulimale oyedwa eNtintisi Primary kwalimala ababili.

Kusolwa ukuthi ukuhlaselwa kwabo kuhlobene nodlame lwamatekisi. Kwakuphazamisa ukufunda ukuhlaselwa kwabo.

Izolo kuthiwa kube nesililo esikoleni kufika umyalezo wokushona kukaMajolas. Nakho kuthiwa kuphazamise ukufunda.

Imizamo yokuthola isigungu esilawula isikole nomndeni kathisha ayizange iphumelele.