Izindaba

Kuvalelwe oweSANDF ngokubulawa kwababili

Mlungisi Gumede|Published

KUBOSHWE abanye abasolwa ngokuthembisa abantu umsebenzi kuFacebook eMarrianhill ngasePinetown KUBOSHWE abanye abasolwa ngokuthembisa abantu umsebenzi kuFacebook eMarrianhill ngasePinetown

LISAZOQHUBEKA nokubhadla ezitokisini isosha lombutho weSouth African National Defense Force (SANDF) eliboshwe ngecala lokubulala.

Leli sosha elingeke lidalulwe okwamanje ngoba alikabuzwa ukuthi liyalivuma noma liyaliphika yini icala elibekwe lona, livele eNkantolo yeMantshi yasoPhongolo izolo, mayelana namacala amabili okubulala.

Siye koshicilela izolo idokodo laleli cala lingakabuyi enkantolo okwenza kungaziwa ukuthi icala lihlehliselwe inini kodwa amaphoyisa akuqinisekisile ukuthi isosha ligcinwe ezitokisini.

Isosha liboshwe ngoMgqibelo lisolwa ngokuthela othulini ngenhlamvu abantu ababili emva kwengxabano eyenzeke emzini wentombi yalo ngasemngceleni eGolela, ophakathi kwelakuleli nelaseSwazini.

Leli sosha kuthiwa belingekho emsebenzini ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbele, uthe amaphoyisa aphenya icala lokubulala.

“Yebo sikhona isigameko esinjalo esenzekile, ukhona umsolwa oboshiwe mayelana necala lokubulala,” kusho uCol Mbele.

Esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba, abeSANDF badlulise amazwi enduduzo emindenini yabashonelwe.

Okhulumela iSANDF, uCapt Jaco Theunissen uthe ngokujwayelekile uma ilungu labo lisolwa ngecala elithile nabo benza uphenyo lwabo lwangaphakathi embuthweni olungaphazamisani nolwamaphoyisa.

“Sizoyekela umthetho usebenze ngendlela yawo nathi sibe senza olwethu uphenyo,” kusho uCapt Theunissen.

Lesi ngesinye sezigameko osekubikwe kaningana ngazo kwabezindaba mayelana nokutholakala kwamalungu ombutho ezokuvikela ephula umthetho.

Kunamacala amaningi aphenywa ngamaphoyisa athinta ukuziphatha kwamasosha emva kokudedelwa kwawo emphakathini kulandela ukubheduka kweCorona.