ZIZONGCWATSHWA sikhathi sinye izithandani esezikhulule, esinye esishone uma sizwa ukuthi nomunye useshonile Isithombe:AP ZIZONGCWATSHWA sikhathi sinye izithandani esezikhulule, esinye esishone uma sizwa ukuthi nomunye useshonile Isithombe:AP
UMNDENI, omakhelwane nezihlobo basale bemangele futhi bedangele ngokushona kukagogo, emuva kokuba etshelwe ngokushona komyeni wakhe eZihlalo, eMahlabathini.
UMnuz Richard Dlamini, iminyaka yakhe engatholakalanga kodwa okuthiwa ibingaphezu kuka-80, wangeniswa esibhedlela egula, wagcina ngokushona ngoLwesine olwedlule.
Kuthiwe kube sekubikelwa unkosikazi wakhe, uNkk Agreement Dlamini ngokushona kwakhe. Naye kwavukwa ngoMgqibelo eseshonile ngaphandle kokugula.
Lokhu umphakathi wakule ndawo, nabomndeni bathe kubadumazile
kakhulu futhi kwabashiya beshaqekile.
Ngokusho komthombo osondelene nomndeni lezi zithandani kuthiwa bezingahlukani.
Abantu endaweni kuthiwa bebeke badlale ngokuthi laba bayolandelana nasekufeni nokuyinto egcine isiyenzeka.
Umzukulu wabo uNksz Lindiwe Ntombela uthe bamangele kushona kwalezi zithandani zilandelana.
“Umkhulu ugulile, wahanjiswa kwadokotela ngoMsombuluko, washona ngoLwesine.
"Ngiyacabanga ukuthi ugogo uthukile emuva kokuba etshelwe ngokushona kwakhe (umkhulu).
"Siyasola impela ukuthi wathuka kakhulu ngoba kuse ngoMgqibelo eseshonile. Ushonele ekhaya.
Bavele bahamba kanyekanye kanjalo. Kusithusile nokho lokho ngoba ugogo ubengumuntu ongaguli kodwa ukuthi ubesemdala nje.
“Bebehlala kahle bezwana kakhulu, bengeve bethandana. Bese bebadala nje bezihlalela bobabili. Bazogcwatswa ngoLwesithathu kanye kanye,” kusho uNksz Ntombela.
Bashiye izingane zabo ezimbili.
Umndeni uthe yize kubuhlungu kodwa kube njengezifungo zabo ukuthi bayohlukaniswa ukufa bendawonye.