ITHIMBA labezimo eziphuthumayo iReaction Unit South Africa ngesikhathi litakula isidumbu sowesilisa esitholwe esimobeni ngasedamini iHazelmere ngoMgqibelo ITHIMBA labezimo eziphuthumayo iReaction Unit South Africa ngesikhathi litakula isidumbu sowesilisa esitholwe esimobeni ngasedamini iHazelmere ngoMgqibelo
BASAKHUNGATHEKILE abasebenzi basepulazini eliseduze kwasedamini iHazelmere ngaseVerulam emva kokuthola isidumbu sendoda esimobeni ngoMgqibelo.
Isidumbu ebesinenxeba lokudutshulwa sitakulwe ngabezimo eziphuthumayo be-Reaction Unit South Africa (Rusa) emva kokubikelwa ngabasebenzi basepulazini.
Omunye wabasebenzi basepulazini okhulume neSolezwe kodwa wacela ukungadalulwa, uthe bakhathazekile ngokutholakala kwesidumbu ngoba sekungesesibili ezinyangeni ezimbalwa.
“Sikhona nesinye isidumbu esitholwe kulona ihlathi sesithanda ukonakala,” kusho umsebenzi.
Kuthiwa abatakuli, amaphoyisa nabosizo lokuqala baphuthume ehlathini emva kokulunywa indlebe.
Bathe uma befika bathola ukuthi isidumbu sinenxeba lokudutshulwa ebusweni, ebelikhombisa ukuthi inhlamvu ingene yaphuma ngemuva ekhanda.
Bude buduze nalapho kutholakale khona isidumbu, emgwaqweni owubhuqu kutholakale isigqoko kanye negazi obekukhombisa ukuthi indoda idonswe isuswa khona emgwaqweni yayofihlwa esimobeni.
Itholwe ibhulukwe ebiligqokile lehlisiwe lisemadolweni.
Abatakuli bakuqinisekisile ukuthi bekuyisidumbu sesibili ukutholakala esimobeni.
“NangoMashi kwatholakala esinye isidumbu sendonda engaziwa. Le nto yokutholakala kwezidumbu esimobeni isiyasikhathaza kakhulu,” kusho abe-Rusa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe amaphoyisa aphenya icala lokubulala kodwa okwamanje bekungakaboshwa muntu.
“Singakuqinisekisa ukuthi sikhona isidumbu sowesilisa ongaziwa esitholwe ehlathini eliseduze kwasedamini laseHazelmere sinenxeba lokudutshulwa,” kusho uColonel Mbele.