Izindaba

Bahlaba udlame lwamatekisi olubulale abantu

Mlungisi Gumede|Published

UNGQONGQOSHE wezokuPhepha nokuThutha KwaZulu-Natal uMnuz Bheki Ntuli ogxeka udlame lwamatekisi oluqhubeka eMzinyathi oseludlule nenqwaba yemiphefumulo kubalwa neyabagibeli, uNtuli unxuse amaphoyisa ukuba asebenze ubusuku nemini ukuze abambe abahlaseli isithombe:inqolobane yeSolezwe UNGQONGQOSHE wezokuPhepha nokuThutha KwaZulu-Natal uMnuz Bheki Ntuli ogxeka udlame lwamatekisi oluqhubeka eMzinyathi oseludlule nenqwaba yemiphefumulo kubalwa neyabagibeli, uNtuli unxuse amaphoyisa ukuba asebenze ubusuku nemini ukuze abambe abahlaseli isithombe:inqolobane yeSolezwe

KUGXEKWA udlame lwamatekisi eMzinyathi, eNanda, oseludlule nenqwaba yemiphefumulo, lwaphinde lwaqubula nengebhe kubantu emva kwezigameko zakamuva zokudutshulwa kwamatekisi enabagibeli.

Esehlakalweni sakamuva esenzeke ngoMgqibelo ntambama, kudutshulwe itekisi inabagibeli kwashona umuntu oyedwa, abanye baphuthunyiswa ezibhedlela.

Lesi sigameko sangoMgqibelo silandele isigameko sangoLwesihlanu lapho kudutshulwe itekisi kwalimala umshayeli nomsizi wakhe.

Lezi zigameko zilandele izigameko lapho kudutshulwe khona erenki, kwesinye sazo kwashona umqaphi.

Esithangamini nabezindaba izolo uNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Sihle Zikalala ulugxekile udlame lwamatekisi oluseMzinyathi.

UZikalala uthe lolu dlame ngeke lubekezelelwe, wanxusa amaphoyisa ukuba asebenze ubusuku nemini ukuze kubanjwe abahlaseli.

“Kuyisenzo esiwubulwane ukuthi kuhlaselwe abantu besetekisini, abantu abenze lokhu bakhombisa ngokusobala ukuthi abayikhathaleli impilo yomunye umuntu,” kusho uZikalala.

Unxuse uNgqongqoshe wezokuPhepha nokuThutha KwaZulu-Natal uMnuz Bheki Ntuli ukuba angenelele kulolu dlame ukuze kutholakale isisombululo.

Esitatimendeni esithunyelwe kwabezindaba naye uNtuli uhambe emazwini kaZikalala walugxeka udlame.

“Sesijube ithimba eliphenya amacala ahlobene nodlame lwamatekisi iProvincial Taxi Violence Team ukuba luphenye ngalolu dlame lwamatekisi oluseMzinyathi, uphenyo lokuqala luveza ukuthi itekisi elisebenza kusoseshini waseNdwedwe belithwele abagibeli abangu-15 ngesikhathi lidutshulwa ngabantu abangaziwa abebehamba ngeveni, owesifazane oneminyaka engu-55, ushonele endaweni yesigameko kwathi abanye abagibeli abayisikhombisa balimala,” kusho uNtuli.

Uthe kutholakale amagobolondo ezinhlamvu angu-23 endaweni yesigameko.

UNtuli uthe kunamacala angu-47, athinta udlame lwamatekisi eNdwedwe asekukhona abagwetshiwe ngawo.

“Kukhona abasolwa abazoboshwa khona maduze njengoba amaphoyisa kukhona umkhondo awulandelayo ngezigameko zakamuva,” kusho uNtuli.

Inkosi yesizwe samaQadi uMqoqi Ngcobo ithe lolu dlame oluqhubeka endaweni yayo nayo ilugxekile, yanxusa amaQadi ukuba abeke phansi izikhali.

“Asephelile amaQadi yilolu dlame lwamatekisi oluqhubeka esizweni nginxusa uhulumeni ukuba angenelele kule mpi engingazi ukuthi ngobani obhongoza bayo,” kusho uNgcobo.

Uthe useke wawubiza umhlangano ohlanganisa nezinduna bezama ukubhula umlilo.

UNgcobo uthe usola ukuthi neCorona inawo umthelela kule mpi njengoba nebhizi yaseBuhleni ingekho kulandela ukubheduka kobhubhane.

“Umsebenzi awukho kahle njengoba nezinkonzo zingekho kanti ngoJulayi umsebenzi uba mningi njengoba kusuke kunomhlangano eBuhleni,” kusho uNgcobo.

Uthe ngenxa yale mpi abantu abasakwazi ukuma ezitobhini nokuya erenki ngokukhululeka.

“Ngikhuluma nje kuthiwa kukhona abantu asebebalekile emakhaya kulandela ukubheduka kwalolu dlame,” kusho uNgcobo

Uthe abantu bathukile njengoba sekuhlaselwa namatekisi enabagibeli.

Isolezwe lihabule ngemithombo yalo ukuthi impi yakamuva isuswe wukuthi kukhona osomatekisi okumiswe izimoto zabo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbele uthe amaphoyisa aphenya icala lokubulala nokuzama ukubulala emva kwezigameko zangempelasonto.