Izindaba

Obopha uMbuso ufuna R2 million wamademeshe

KHETHA SANGWENI|Published

IBOPHA uMbuso ngamademeshe kaR2 million intokazi uNksz Snokwanda Ndlovu obhekene necala lokuhlupha uMnuz Jomo Sibiya oyisikhulu se-ANC KwaZulu-Natal okuthiwa babethandana naye Isithombe : FACEBOOK/JOMO SIBIYA IBOPHA uMbuso ngamademeshe kaR2 million intokazi uNksz Snokwanda Ndlovu obhekene necala lokuhlupha uMnuz Jomo Sibiya oyisikhulu se-ANC KwaZulu-Natal okuthiwa babethandana naye Isithombe : FACEBOOK/JOMO SIBIYA

UBOPHA uMbuso futhi ufuna umhlawule amademeshe kaR2 million owesifazane oboshelwe ukuhlupha isikhulu se-ANC KwaZulu-Natal, okuthiwa wayethandana naso. UNksz Snokwanda Ndlovu (22) ubhekene necala lokwephula imibandela yencwadi yenkantolo eyayimyalele ukuba angaxhumani noMnuz Jomo Sibiya, oyilungu lesiShayamthetho KwaZulu-Natal.

USibiya obuye abe wuSihlalo wekomiti lezeMfundo, wamangalela uNksz Ndlovu ethi uyamhlupha uphazamisa inhlalakahle yakhe ngokuhamba ebhala, emphoxa kuFacebook. USibiya usesigungwini esiphezulu sesifundazwe kwi-ANC KwaZulu-Natal waqala waxwayisa le ntokazi ngencwadi evimba ukuba ixhumane naye ngoba ethi iyamhlambalaza.

Isolezwe ngeSonto labika ngokuboshwa kukaNksz Ndlovu nokuvela kwakhe nasenkantolo.

Ummeli kaNksz Ndlovu, uMnuz Collins Madike uxoxe naleli phephandaba wathi ikhasimende lakhe lihlukumezeke kakhulu ezandleni zoMbuso yingakho befaka icala. Ukuqinisekisile ukuthi kabenelisekile ngendlela olusingathwe ngayo udaba lwekhasimende lakhe, yingakho licele ukuba kumangalelwe uMbuso.

Uthe akaboni kuwumqondo omuhle ukuthi ikhasimende lakhe likhulume ngalolu daba kwabezindaba.

"Waboshwa nengane encane babhadla esitokisini saseNquthu, emakhazeni kusebusika izinsuku eziyisishiyagalombili, endaweni exhaxhaza amanzi. Uma bephuma lapho ingane yangeniswa esibhedlela igula kabi. Konke lokhu sifuna kuphenywe, kuhlale obala. Sifake amaphepha enkantolo sifuna isinxephezelo sikaR2 million,’’ kuchaza uMadike.

Uthe akanqabi ukuthi uma ikhasimende lakhe lingumsolwa liphenywe noma lishushiswe kodwa kufanele kwenziwe ngendlela enobulungiswa hhayi ukuhlukunyezwa kwamalungelo alo.

Indaba isukela ekutheni uSibiya we-ANC wayebhale kwiFacebook ephawula ngohlelo lwethelevishini Utatakho, kwavela uNksz Ndlovu washiya angalazi emsola ngokuphika ingane. Lo wesifazane wacela nokuthi kuyokwenziwa ulibofuzo ukuze kucace ukuthi ingane ngekabani.

Ebuzwa uSibiya ngomsindo phakathi kwakhe noNksz Ndlovu uthumele ummeli wakhe ukuba amkhulumele. Ummeli uMnuz Mondli Thusini, ukuqinisekisile ukuthi likhona icala enkantolo kodwa wathi ngeke baphawule.