KWETHULWE uhlelo lweWi-Fi yamahhala esikoleni saseMgungundlovu izolo lwethulwa oNgqongqoshe Nkk Nomusa Dube-Ncube noNkk Stella Ndabeni-Abrahams Isithombe: SITHUNYELWE KWETHULWE uhlelo lweWi-Fi yamahhala esikoleni saseMgungundlovu izolo lwethulwa oNgqongqoshe Nkk Nomusa Dube-Ncube noNkk Stella Ndabeni-Abrahams Isithombe: SITHUNYELWE
KUBE yinjabulo yodwa kubafundi baseVezokuhle Primary eCaluza, eMgungundlovu, nomphakathi wonke bezothulelwa iWi-Fi yamahhala.
UNgqongqoshe wezokuXhumana kuleli uNkk Stella Ndabeni-Abrahams, noNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha, nezeMvelo uNkk Nomusa Dube-Ncube bathule lolu hlelo ngoLwesine kulesi sikole.
Abebehambele umcimbi batshelwe ukuthi sebezosebenzisa i-internet ngaphandle kokuyikhokhela njengoba kufakwe ama-hotspots, bashaye ihlombe bejabulela lolu hlelo.
“Kuyintokozo ukuba kuzothulwelwa uhlelo lwezokuxhumana yiJL Dube Broadband ihambisana noNgqongqoshe uNkk Ndabeni-Abrahams. Siyazi sonke ukuthi uDube wayengumholi oyithanda kakhulu intuthuko kubantu njengomholi wokuqala we-ANC. Njengoba uMengameli uCyril Ramaphosa ememezele uthaqa ngenxa yeCorona, kwande kakhulu ukuba abantu basebenzise ubucwepheshe ukuze baxhumane futhi bafunde. Lokhu akwenzekanga kalula emiphakathini eminingi kanjalo nakubantu abasha ngenxa yokubiza kwe-data. Lokhu kuphoqe ukuba sisheshise uhlelo lokulethela abantu ezobucwepheshe ngaphansi kohlelo iJL Dube Broadband. Namhlanje sizoxhuma ama-hotspots ayisithupha, sihlele ukuthi i-KZN igcine ixhunywe izindawo ezinga-hotspots ezingu- 20 500. Sifuna amalungu omphakathi abe ne-internet,” kusho uNkk
Dube -Ncube
Ama-hotspots axhunywe izolo, azokwenza kutholakale i-internet kulezi zindawo: eVezokuhle Primary nasemphakathini owakhelene nayo, e-Edendale Gateway Clinic; Umsunduzi Library; Umgungundlovu namaphethelo; Umsunduzi Taxi Rank, nasemgwaqweni- uLangalibalele nakwenzinye izindawo.
Kunabanye omasipala abazohlomula njengoba kuqalwe eMsunduzi, naseMgungundlovu, kuzoqhubekela nakumasipala, Amajuba, Umhlathuze, King Cetshwayo, eThekwini, uThukela naseKokstad.
Kuyoze kuqedwe isifundazwe sonke abantu befakelwa iWi-Fi yamahhala.
Kuthiwa lolu hlelo luzosungula imisebenzi kubantu abangu-2 million eminyakeni emihlanu ezayo kanjalo nezinye izindlela zokuthuthukisa umphakathi ngobucwepheshe.