USAHLUKUMEZEKILE uMnuz Sifiso Shezi waseNanda, owaboshelwa ubala yindodakazi yakhe uNksz Pinky Dube eseceleni kwakhe. Indodakazi ithi yahlohlwa wunina ukuthi iqambe amanga ukuthi yadlwengulwa nguyise USAHLUKUMEZEKILE uMnuz Sifiso Shezi waseNanda, owaboshelwa ubala yindodakazi yakhe uNksz Pinky Dube eseceleni kwakhe. Indodakazi ithi yahlohlwa wunina ukuthi iqambe amanga ukuthi yadlwengulwa nguyise
SEBEYAZAMA ukugonyuluka ngokuhlukumezeka kwabo abesilisa, yize kusenezinselelo ezenza bafele ngaphakathi.
Isolezwe lithole ukuthi abesilisa abaningi bahlukumezeka ngokomoya, abanye abasuke benganakile ukuthi bayahlukumezeka. UMnuz Nick Nzama ongumsunguli wenhlangano iBoys 2Men eThekwini, uthe sebekhona abesilisa abaxhumana naye bedinga usizo ngenxa yokuhlukumezeka. UNzama onohlelo lokweluleka abesilisa, uphinde agxile nasekukhulisweni kwabafana. Uthe indaba yonakala ngendlela okwakukhuliswa ngayo abafana, nezinto abatshelwa zona okwenza bakhule bahlukumezeke.
“Inkinga yaqala ngokuthi ngisho umfana omncane atshelwe ukuthi akumele akhale, okuba sengathi bona akufanele bazwele ubuhlungu. Sikhule kunogogo abadlalisa umfana omncane isitho sakhe sangasese, kuthiwa ugwayi kagogo. Nalokhu kunomthelela ngoba ngisho esekhulile umfana wazi ukuthi isitho sangasese yinto yokudlala. Kunabafana abahlukunyezwa ngabesifazane abadala ngokocansi ngoba bakhula bazi ukuthi kuyadlalwa ngesitho sangasese,” kuchaza uNzama.
Uthe abesilisa abakhuluma naye abaningi banezinkinga ebudlelwaneni bezothando. Wathi ngisho sebebonile ukuthi bayahlukumezeka, abalufuni usizo lokwelulekwa ngokomqondo. Lokhu kwenziwa wukuthi babona ukuthi kuzoba sengathi bantekenteke.
“Umphakathi wazi ukuthi uma indoda ilunge kakhulu, idlisiwe noma idonswa ngekhala, bengazi ukuthi yingoba iyahlukumezeka. Sekuyisikhathi sokuthi sifundise izingane zabafana ukuthi akunankinga ukuveza imizwa yakho noma abantu bengacabanga ukuthi untekenteke. Kumele kukhulunywe nabafana kusukela eminyakeni eyisithupha ngoba yilapho umqondo wabo usabamba kahle,” kusho yena.
UMnuz Sifiso Shezi (49), waseNanda owaboshelwa ubala esolwa ngokudlwengula indodakazi yakhe, utshele Isolezwe ukuthi namanje usahlukumezekile.
Indodakazi yakhe uNksz Pinky Dube (25), yayineminyaka eyisishiyagalombili ngesikhathi eboshelwa ukuyidlwengula ngo-2000. Ngo-2013 wakhishwa ejele emuva kokuba indodakazi yakhe ikhulume iqiniso yathi yahlohlwa ngunina ukuthi iqambele uyise amanga.
“Ngaphuma ejele esashona unina wengane, ngasala nesilonda emoyeni. Kumanje anginawo nomazisi, walahleka ejele. Umsebenzi angiwutholi, ngikhosele endlini yomxhaso womuntu engiwugadile. Ummeli owayengisiza ezama ukubopha uMbuso naye washona engozini yemoto,” kubalisa uShezi.
Ukuhlukumezeka kwabesilisa akukho kwabathandana nabesifazane kuphela kodwa nakwabobulili obufanayo. Muva nje, kusabalele izindaba zokuthi izithandani ezingosaziwayo uMoshe Ndiki noPhelo Bala, seziyahlukana. Kuvele ukuthi uPhelo ukhala ngokuthi uMoshe umhlukumeza ngokomoya. Kuthiwa sebefakane nasenkantolo. UPhelo udalule nokuthi useke washaywa. UMoshe uziphendulela kwiTwitter wathi kunzima ukukhuluma ngodaba lokuhlukumezeka.
“Lezi yizindaba zangasese, sengiyalwe ukuthi ngingakhulumi ngoba udaba lusenkantolo. Engingakusho ukuthi angimhlukumezi uPhelo futhi ngizimisele ukulandela umthetho ukuze ngiveze iqiniso. Wonke umuntu oseke wahlukumezeka ngokodlame lomndeni uyazi ukuthi kunzima ukukhuluma ngakho nokuthi kubukeka kuyihlazo ukuba umgilwa,” kusho uMoshe.
IZITHANDANI ezingosaziwayo uMoshe Ndiki noPhelo Bala okubikwe ukuthi ziyisana enkantolo ngenxa yokuhlukumezana
UMnuz Mbuyiselo Botha weCommission for Gender Equality, uthe kusazothatha isikhathi ukuthi amadoda aphumele obala ngokuhlukumezeka.
Uthe amanye amadoda agcina enodlame, ahlukumeze nabanye ngenxa yentukuthelo yokuhlukumezeka.
“Ukuzibulala kuphezulu kwabesilisa ngoba izinto abazikhulumi, bese bethatha lesi sinqumo. Okuningi konakele ngendlela umphakathi owabuka ngayo amadoda nezinto ezishowo kuwona kuthiwa awaqine.”