Izindaba

Ikhehla elalihola uR23 selinepulazi lobisi

Zanele Mthethwa|Published

UMLIMI uMnuz Rob Stapelton Smith ongumakhelwane kaMnuz Dacky Ngcobo onepulazi elikhiqiza ubisi, abalekelelana naye ngomsebenzi wepulazi UMLIMI uMnuz Rob Stapelton Smith ongumakhelwane kaMnuz Dacky Ngcobo onepulazi elikhiqiza ubisi, abalekelelana naye ngomsebenzi wepulazi

LAQALA lihola uR23 emuva kwezinyanga eziyisithupha, ikhehla eselinepulazi elikhiqiza ubisi eDonnybrook. UMnuz Dacky Ngcobo (66), osenepulazi iSummerhill khona eDonnybrook, uthe wayifaka kwi-akhawunti yeposi ayivulelwa nguyise imali yomholo wokuqala, okuyiwona owamkhuthaza ukuba ngumlimi.

UNgqongqoshe wezoLimo nezokuThuthukiswa kweziNdawo zaseMakhaya uNkk Bongi Sithole-Moloi, ubezovula ipulazi kuleli sonto eselilungiswe kabusha. Ipulazi lakhe laxhaswa ngemali engaphezulu kukaR10 million emnyangweni nakwi-Agribusiness Development Agency ngo-2016.

UNgcobo utshele Isolezwe ukuthi abantu abakholwa ukuthi udedangendlale wepulazi ngowakhe, bacabanga ukuthi uliqashe kumlungu ongumakhelwane wakhe. Umakhelwane wakhe uMnuz Rob Stapelton Smith naye ongumlimi, nguyena obemkhuthaza emdayisela namankonyane.

“Ngasebenza ngiwumfanyana epulazini. Sasisebenza izinyanga eziyisithupha, sihole emuva kwezinyanga eziyisithupha. Lokhu kwakubizwa ngokuthi yisithupha ngoba wawuhola usukhohliwe. Okokuqala ngahola uR23,75 okwesibili ngathola uR30. Ngayihlanganisa le mali ubaba wayongivulela i-akhawunti. Kwaba ngcono sengisebenza ngihola ngenyanga kodwa umholo wawusemncane,” kuchaza uNgcobo.

Uthe epulazini wayelusa aphinde asenge. Eseshadile washiya umkakhe khona epulazini, wayofundela ukushayela amaloli.

Uthe ngaleso sikhathi abashayeli bamaloli babeyinyama. Wabuye wathenga itekisi nayo ezishayelela. Esebuyela eDonnybrook ngokomsebenzi, wathola ukuthi kunepulazi elidayiswayo ngoR1.2 million, wayofesa ngayo yonke imali abeseyibekile ematekisini.

“Nangingowesihlanu kwababegaqele leli pulazi elagcina litholwe yimina ngo-2003. Ngathenga izinkomo eziyithupha kumlungu engangisebenza kuye. Wangidayisela ngemali encane ngoba ngangisebenza ngokuthembeka epulazini,” kusho yena.

Epulazini lakhe elingu-123 wamahekhta, useqashe abangu-13 kanti kusengwa izinkomo ezingu-160. Lidayisa izinkomo nobisi oludayiselwa abakwaCreighton Dairies bese lufakwa ezitolo ngaphansi kwemikhiqizo yeFarmgate Dairies. Ipulazi lakhe likhiqiza amalitha obisi angaphezu kuka-6 000 ezinsukwini ezimbili. Uthe umnyango wamsiza ngokumakhela umgwaqo, iziqhingi nedamu.

UNkk Sithole-Moloi uthe bonke abantu kumele babukele kuNgcobo ongagcinanga ngokusebenza epulazini kodwa osengumnini walo.

“Asifuni abantu abazositshela ukuthi banamapulazi, sidinga ukwazi ukuthi benzani. Akumele sibhekane nendlala ngalezi zikhathi zeCovid-19 kodwa kumele sithole abantu abafana noNgcobo abakwazi nokuphilisa abanye abantu,” kusho uNkk Sithole-Moloi.