Izindaba

I-Covid-19 ivale isiteshi samaphoyisa

Nonthuthuko Ngubane|Published

KUVALWE isiteshi samaphoyisa Olundi kulandela ukuhaweka kwelinye lamaphoyisa akulesi sikole ngeCovid 19 KUVALWE isiteshi samaphoyisa Olundi kulandela ukuhaweka kwelinye lamaphoyisa akulesi sikole ngeCovid 19

KUVALWE isiteshi samaphoyisa sasoLundi emuva kokuba kutholakala ukuthi kunephoyisa elitheleleke ngeCorona.

Isolezwe lithole ukuthi ngoJulayi 7 leli phoyisa lihlabekile kwabe sekuthathwa isinqumo sokuvala isiteshi.

Lo othelelekile kuvele ukuthi ubeke wahlangana nozakwabo bakwezinye iziteshi, okwenza kube novalo ukuthi kukhona namanye amaphoyisa athelelekile abehlezi nawo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uBrigadier Jay Naicker, ukuqinisekisile ukuvalwa kwesikhashana kwalesi siteshi.

“Isiteshi sasoLundi sivaliwe okwesikhashana emuva kokuba kukhona otheleleke ngeCorona. Umsebenzi wamaphoyisa uzoqhubeka ehholo lomphakathi oLundi.

“Leli hholo kalikude kakhulu nesiteshi esivaliwe,” kusho uNaicker.

Uthe umphakathi usungakwazi ukuthola usizo lwamaphoyisa ngokushayela inombolo ethi: 082 569 6258 uma kunezimo eziphuthumayo.

Le nombolo izosebenza njengoba izingcingo zeziteshi zizobe zingasebenzi ngalesi sikhathi kuvaliwe.

“Kusazokhucululwa isakhiwo sesiteshi, sihlanzwe kahle bese siyavulwa ngoMsombuluko, ngoJulayi 13.

“Abaphathi besiteshi bathanda ukuxolisa emphakathini ngalesi simo esivelile esiphazamisa ukusebenza.

“Ibamba lomphathisiteshi uLieutenant Colonel RN Adonis, lizotholakala kwethi: 082 557 6719,” kusho uNaicker.

Isolezwe lithole ukuthi ngaphandle kwalesi siteshi samaphoyisa, kunezikole ezine oLundi nazo okuphoqeleke ukuba zivalwe izolo ngenxa yalo igciwane.

UMnyango wezeMfundo ubungakakuqinisekisi ukuvalwa kwazo lezi zikole.