INGXENYE yosonhlalakhle abangaholile, ababhikishe emahhovisi oMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi ngaleli sonto Isithombe:SITHUNYELWE INGXENYE yosonhlalakhle abangaholile, ababhikishe emahhovisi oMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi ngaleli sonto Isithombe:SITHUNYELWE
ALICACI ikusasa losonhlalakahle abaxhaswe uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi ngaphansi kwezinhlangano ezingenzi nzuzo, osekuphele izinyanga ezintathu bengaholile.
Labo sonhlalakahle abaqashwa ngaphansi kohlelo, iHome Based-Care, bathi bagcina ngoMashi ukuhola nokuyinyanga okuphele ngayo inkontileka evuselelwayo. Njengoba sekuphele izinyanga bengaholile nezinkontileka zingavuseleliwe, abazazi noma basenawo yini umsebenzi. NgoMsombuluko abanye babo babhikishe emahhovisi omnyango eMgungundlovu, bekhala nangokuthi sebefuna ukuqashwa ngokugcwele emnyangweni.
Omunye wosonhlalakahle osebenzela eNseleni, uthe waqashwa ngo-2018, kwathiwa bafakwa kulolu hlelo ukuze bathole isipiliyoni.
“Okusiphatha kabi ukuthi senza wonke umsebenzi wosonhlalakahle kodwa sihola ngaphansi kwabanye. Kumanje asazi noma izinkontileka zizovuselelwa yini uma sibhekene nalesi simo. Asanelisekanga nangezimpendulo esizithole ngoMsombuluko embhikishweni,” kusho yena.
Omunye osebenzela eMandlankala, uthe sekukaningi bethula izinkinga zabo kubaphathi kodwa bengasizakali.
“Asineme ngisho nangezimo esisebenza ngaphansi kwazo. Sisebenza ngokufanayo nosonhlalakahle abafunde njengathi kodwa asiphathwa ngokufana. Sisiza umphakathi ngokwaluleka nangokuzivikela nasezifweni namanje sisasebenza phezu kokungaholi.”
Isitatimende esithunyelwe wumnyango siveza ukuthi kuyaphenywa ngodaba losonhlalakahle kusukela belethe izikhalo ngoMsombuluko.
Kuvela ukuthi osonhlalakahle bebefuna ukukhuluma noNgqongqoshe uNkk Nonhlanhla Khoza, kwagcina kuthunyelwa iNhloko yoMnyango uNkk Nelisiwe Vilakazi. UNkk Vilakazi kuthiwa ubehambisana nezinye izikhulu zomnyango, ingxoxo yabo nosonhlalakahle yathatha amahora amane.
“Osonhlalakahle bakubeke kwacaca ukuthi bafuna ukuqashwa ngokugcwele umnyango. Basebenza nezinhlangano ohlelweni lokulwa negciwane lengculaza, iTB nezinye izinkinga zomphakathi. Inhloko yomnyango icele osonhlalakahle ukuthi balinde izinsuku ezingu-14 ukuze kubhekwe izikhalo zabo, okubalwa nokungaholi izinyanga ezintathu,” kusho isitatimende.
UNkk Vilakazi uthe bakhathazekile ngezinsolo ezibhekiswe emnyangweni ngenxa yezimo okuthiwa azigculisi, okusebenza ngaphansi kwazo labo sonhlalakahle.
“Osonhlalakahle baneqhaza elikhulu ekuthuthukiseni imiphakathi, yingakho sizibophezela ukuzama zonke izindlela ukuxazulula izinkinga zabo,” kusho yena.
Bangu-224 osonhlalakahle abangaphansi kwalolu hlelo abasebenzela KwaZulu-Natal.