Izindaba

Umfana oneminyaka ewu-11 ungomunye wababoshelwe ukudlwengula

Se-Anne Rall|Published

UMFANA oneminyaka ewu-11 ungomunye wabasolwa abawu-217 ababoshelwe ukudlwengulwa KwaZulu-Natal muva nje Isithombe: SAPS Twitter UMFANA oneminyaka ewu-11 ungomunye wabasolwa abawu-217 ababoshelwe ukudlwengulwa KwaZulu-Natal muva nje Isithombe: SAPS Twitter

UMFANA oneminyaka ewu-11 ungomunye wabasolwa abawu-217 ababoshelwe ukudlwengula KwaZulu-Natal ngenyanga kaJune nonyaka.

NgoLwesine amaphoyisa adalule ukuthi ngenyanga edlule abophe abasolwa abawu-217 ezifundeni ezahlukene ngamacala okunukubeza ngokocansi.

Okhulumela amaphoyisa akulesi sifundazwe, uColonel Thembeka Mbele, uthe ngoMeyi 25 kwaboshwa umfana oneminyaka ewu-11 eMadadeni eNewcastle kaSection 3.

"Amaphoyisa abopha abafana oneminyaka ewu-11 no-13. Sebevelile enkantolo iMadadeni Child Justice Court ngoJune 11. Badedelwa ezandleni zabazali babo ngoba basebancane ngokweminyaka,"kusho uColonel Mbele. 

Uthe kunecala lokudlwengula elavulwa eMadadeni okwaholela ekuboshweni kwalaba bafana. Laba basolwa abasebancane kulindeleke ukuthi baphinde bavele enkantolo ekupheleni kwale nyanga.

Kuze kube manje, amaphoyisa aKwaZulu-Natal asekwazile ukubopha abasolwa okugcine ngokuthi bathole izigwebo okukhona kuzo ukugwetshwa udilikajele neminyaka ewu-15.

UColonel Mbele uthe ngenyanga edlule kuboshwe abasolwa abaphakathi kweminyaka ewu-11 no-80.

"Amahlanu kulamacala asephothuliwe ezinkantolo ezahlukene,"usho kanje.

Ube esenxusa abantu ukuthi bangafeli ngaphakathi, babike ezehlakalo zokudlwengulwa kwezingane nabesifazane, bangakuvumeli ukusatshiswa.