UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnuz Sihle Zikalala ngesikhathi esesikhumulweni sezindiza eThekwini, iKing Shaka International ukuyobheka indlela yokusebenza nokuthi izinto zime kanjani ngaphansi kwezimo zeCovid-19 UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnuz Sihle Zikalala ngesikhathi esesikhumulweni sezindiza eThekwini, iKing Shaka International ukuyobheka indlela yokusebenza nokuthi izinto zime kanjani ngaphansi kwezimo zeCovid-19
Uphume neKhabhinethi yakhe uNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Sihle Zikalala izolo eyobheka ukusebenza kweKing Shaka International Airport eThekwini.
UZikalala obehamba neMeya yeTheku uMnuz Mxolisi Kaunda nongqongqoshe abajutshwe ukubhekana nezindaba ezithinta iCovid-19, uthe wanelisekile ngendlela isikhumulo sezindiza esisebenza ngayo kusukela sivulile ngenyanga edlule. Uncome inkampani i-Airports Company of South Africa ngokuqinisekisa ukuphepha kwabagibeli nabasebenzi baseKing Shaka.
“Sigculisekile ngendlela okuqinisekiswe ngayo ukulandelwa kwemigomo yokuphepha. Yonke indawo kubekwe abazoqinisekisa ukuthi abagibeli bayahlolwa bahlanzwe nezandla. Ayikho nendlela yokuthintana njengoba iqinisekisiwe imigomo yokuqhelelana,” kusho yena.
UZikalala ugcizelele ukuthi umnotho ushayekile ngesikhathi kuvalwe isikhumulo, kwashayeka nezinkampani eziqashisa izimoto nezindawo zokudla. Uthe isikhumulo esiqeda iminyaka eyishumi nonyaka, senze omkhulu umsebenzi sifukula umnotho esifundazweni.
“Ngonyaka odlule bangaphezu kuka-6 million abagibeli abasebenzise isikhumulo. I-King Shaka ibuye yahlanganisa isifundazwe sethu namanye amazwe angaphandle. Siyethemba ukuthi bazobuya ngobuningi abagibeli bezindiza kulesi sikhumulo uma sekuvulwe zonke izigaba zomnotho,” kusho uZikalala.
UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho, ezeMvelo nokuVakasha uNkk Nomusa Dube-Ncube, uqinisekise izivakashi ukuthi kuphephile ukusebenzisa isikhumulo futhi uyathemba ukuthi nabanye bazobuya ngezinkani njengoba sekuvulwe umnotho. Uthe uyazama ukuxoxa nabo bonke osomabhizinisi ngokwezigaba ezahlukene ukubheka ukuthi bashayeke kanjani ngenxa yeCovid-19. Uveze ukuthi yize sekuvulwe nezindawo zokudla, uthole ukuthi abantu basemanqika ukuyodla, okwenza kube nzima kosomabhizinisi balezi zindawo.
“Sesiqale uhlelo lokuqeqesha kabusha abantu abaphelelwe umsebenzi ngenxa yeCovid-19 ukuze bathole amanye amathuba. Ezinye izinkampani bezithenga izimpahla kwamanye amazwe phambilini, sesicela ukuthi zithenge kuleli ukuze kusizakale nabalahlekelwe umsebenzi,”
Unxuse izinkampani ukuthi zingasheshi zidilize abasebenzi zingakazami izindlela zokugwema lesi simo. Uthe uhulumeni ubeke izindlela eziningi zokusiza izinkampani ukuze zibuyise umnotho, okungasiza ukugwema ukudiliza abasebenzi.