USABISA ngokulufaka enkantolo udaba lokuphambana kwezidumbu owesilisa waseHighflats, indodana yakhe embiwe yangcwatshwa kabusha emasontweni amabili edlule.
Yize uMnuz Sibusiso Chonco ethobeke amanxeba ukuthi usezingcwabele indodana yakhe eyayingcwatshwe komunye umndeni, uthe usafuna ukuthatha izinyathelo ngoba akubanga iphutha lakhe ukuphambana kwezidumbu. Usola ukuthi iphutha lenzeka emakhazeni abebebeke kuwo isidumbu sikaSiyabonga Chonco (28), nomunye umndeni wakwaMngadi. Umndeni wakwaMngadi nawo obushonelwe yindodana, wangcwaba egcekeni lawo uSibusiso ngoJune 20, emuva kokuba abamakhaza bekhiphe isidumbu sakhe, kwaqinisekisa nelungu lomndeni.
UChonco utshele Isolezwe ukuthi sekonakele unomphelo emsamo njengoba indodana yakhe iqale yangcwatshwa emzini womunye umuntu.
“Kuningi okonakele ngoba siyakholelwa emadlozini. Leli yiphutha elingasoze lalungiseka futhi le nto isazosihlupha. Ngizoya enkantolo ukuyozwa ukuthi yiziphi izinyathelo engingazithatha ukunxeshezelwa. Indodana yami imbiwe isidumbu sesonakele, kwangabe kusaba umngcwabo omkhulu ngoba bekuphuthunywa.”
Uthe umasipala wabanikeza incwadi ebagunyaza ukuthi kumbiwe ithuna lakwaMngadi ngoJuni 28. Uveze ukuthi bangcwaba ngalo usuku lokumbiwa.
UNkk Phumzile Mngadi uthe nabo sebekhululekile ukuthi sesimbiwe isidumbu obekungesona esabo, bazingcwabela indodana yakhe ebisaduve emakhazeni. Ukhale ngokuhlukumezeka emqondweni ngalolu daba, athe kusekude ukuthi balukhohlwe.
“Umndeni wakwaChonco wasithatha isidumbu sawo, nathi sangcwaba indodana yethu ngalo usuku okumbiwe ngalo. Kudingeke ngihlabe izimbuzi ezintathu ukugeza amanxeba, ukungenisa isidumbu nokugeza umgodi njengoba bese kungcwatshwe omunye umuntu. Namanje angazi noma ngeke yini siphinde sibe nezinkinga ngenxa yalolu daba,” kusho yena.
Uthe kusazodingeka babuye bahlambulule umsamo ngezimbuzi ngoba okwamanje bahlabe izinkukhu ezimbili ngenxa yokweswela imali. UNkk Mngadi uthe ubonga imeya ngendlela elusukumele ngalo udaba, okwenze kusheshe kumbiwe nethuna. UMasipala waseBuhlebezwe uvumile ukuthi uyazi ngalolu daba kodwa awukwazi ukukhipha eminye imininingwane.