Izindaba

I-NYDA iphika ukuthi ivale ngenxa yeCorona

Nonthuthuko Ngubane|Published

ABENHLANGANO i-NYDA bathi isikhungo sabo basivalile ngenxa yeCovid-19 kodwa basalandela imithetho ehambisana nokuvalwa kwezwe esigabeni sesithathu ABENHLANGANO i-NYDA bathi isikhungo sabo basivalile ngenxa yeCovid-19 kodwa basalandela imithetho ehambisana nokuvalwa kwezwe esigabeni sesithathu

ABENHLANGANO iNational Youth Development Agency (NYDA) eMpangeni, bayaphika ukuthi bavale amahhovisi abo ngoba behlaselwe igciwane, iCorona kodwa bathi kungenxa yemithetho kathaqa kuleli.

Ake avulwa amahhovisi selokhu elakuleli libe sesigabeni sesithathu sikathaqa kodwa abuye avalwa. Isolezwe lithole ukuthi kunezinsolo zokuthi kukhona abatheleleke ngegciwane. 

Isikhulu esiphezulu seNYDA uMnuz Siyabonga Mbambo, sithe akusho ukuthi umsebenzi umile ngoba kuvalwe amahhovisi

“Azikho izigameko zeCorona ezibikiwe ehhovisi lethu esilisebenzisayo kumasipala waseMpangeni". 

"Okwamanje asivulile ukuba abantu beze emahhovisi ethu angaphakathi emahhovisi kamasipala ngoba avaliwe. Ngokwazi kwethu lokhu kungenxa yemithetho kathaqa". 

"Abantu abasha siyabanxusa ukuba baqhubeke nokusithinta ukuze bathole usizo kwi-website yethu: www.nyda.gov.za noma kwizinkundla zokuxhumana,” kusho uMbambo.

Uthe nabasebenzi babo bayaqhubeka nokusebenza besemakhaya.