Izindaba

Umfundisi ubulewe esemishini oThongathi

Zanele Mthethwa|Published

KUSHAQISE wonke umuntu ukubulawa kukaMfundisi Sandiso Sithole waseSheshi, olandele umkakhe uNkk Cynthia Nomthandazo Sithole owashona emasontweni amathathu edlule Isithombe: SITHUNYELWE KUSHAQISE wonke umuntu ukubulawa kukaMfundisi Sandiso Sithole waseSheshi, olandele umkakhe uNkk Cynthia Nomthandazo Sithole owashona emasontweni amathathu edlule Isithombe: SITHUNYELWE

SIKHULU isililo ngokubulawa komfundisi webandla laseSheshi, odutshulwe esemishini oThongathi ngoMsombuluko, kusaphele amasonto amathathu kushone umkakhe.

UMfundisi Sandiso Sithole, obephethe imishini yasoThongathi, udutshulwe ebusuku ngoMsombuluko ngumuntu ongaziwa.

Kuthiwa kufike umuntu wangqongqoza endlini, okuthe uma evula wamthela phansi ngenhlamvu.

Kubulawa umfundisi nje, ngoJuni 10 kwatholakala isidumbu somkakhe uNkk Cynthia Nomthandazo Sithole, uMaSibiya (40), esigangeni eShowe.

Kuthiwa satholakala emotweni okuvele ukuthi ngeyebandla. Kugcine kungacaci ukuthi uNkk Sithole wayezibulele noma wabulawa.

Amaphoyisa abesaphenya ngalesi sigameko kanti nomndeni kaNkk Sithole ubusufuna abaphenyi abazimele ukuze kuvele iqiniso. Bekunezinsolo zokuthi uNkk Sithole ubehlukunyezwa ngumyeni wakhe.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe kuphenywa icala lokubulala.

“Isigameko senzeke ngoJulayi 6 (ngoMsombuluko) ngezithuba zabo-8 ebusuku. Umfundisi oneminyaka engu-41 ubesemishini oThongathi ngesikhathi ebulawa. Udutshulwe ekhanda ngumsolwa ongaziwa, washona,” kuchaza uColonel Mbele.

UMfundisi Ndabezinhle Sibisi, oyiDean yeDiocese of Natal eSheshi, ubhale isitatimende eqinisekisa ukubulawa kukaSithole.

Kulesi sitatimende uveze ukuthi bonke ubuholi busashaqekile ngalesi sigameko. Uthe bazokwazisa abazalwane uma sekuphume imininingwane ngokungcwatshwa kukaSithole.

“Sicela nikhumbule umndeni wakwaSibiya nowakwaSithole, niwubeke emkhulekweni ngalesi sikhathi esinzima,” kusho yena.

Isolezwe lithole ukuthi abazalwane batshelwe ukuthi baqinise emkhulekweni futhi bayekelele amaphoyisa kulolu daba. Kuthiwa batshelwe ukuthi bangachemi noma baqagele ngalolu daba kodwa balindele uphenyo lwamaphoyisa.

Yize uSithole ebenesikhundla ebandleni laseSheshi, ubedumile nakwezinye izinhlelo zamabandla. Ubaziwa ngezintshumayelo zakhe abenconywa ngazo, aphinde amenywe ezinkonzweni zamahlelo ahlukene. Ubebuye azwakale kweminye imisakazo eshumayela. Abantu abamaziyo bebesababaza lesi sigameko ezinkundleni zokuxhumana izolo.

USithole ushone esebekwe ukuphatha iSt John’s Parish oThongathi kanti uke waphatha nasepherishi yaseNanda phambilini.

Umkakhe abebebambisene naye nangokomsebenzi wenkosi, ubenguthisha esikoleni samabanga aphansi eNanda. Bebeshade iminyaka engu-15 benezingane ezimbili emshadweni.