UNKSZ Nelisiwe Dube waseMthwalume, isidumbu sakhe esitholwe yizingane epulazini likamoba ngoMsombuluko Isithombe:SITHUNYELWE UNKSZ Nelisiwe Dube waseMthwalume, isidumbu sakhe esitholwe yizingane epulazini likamoba ngoMsombuluko Isithombe:SITHUNYELWE
SITHOLWE yizingane ebeziyozingela nezinja isidumbu sowesifazane waseMthwalume otholakele sekuphele isonto enyamalele.
Isidumbu sikaNksz Nelisiwe Dube (22), sitholwe epulazini lomoba eMthwalume ngoMsombuluko, sinenxeba lokugwazwa. OyiMeya yaseMzumbe uNkk Londolo Zungu, utshele Isolezwe ukuthi njalo ngenyanga kukhona owesifazane obulawayo endaweni.
Uthe okumethusayo ukuthi kubonakala sengathi bonke babulawa ngendlela efanayo. Kutholakala isidumbu nje imeya ibisivele ibikelwe ukuthi sekukhona omunye wesifazane onyamalele.
“Bengibikelwe yikhansela lika-ward 19 ngeSonto ukuthi sekuduke omunye wesifazane. Bengihlela ukuthi ngiyobonana nomndeni wakhe ngoMsombuluko okutholwe ngawo isidumbu. Kufike izingane zabafana ebezizingela, zikhala zithi sezibone isidumbu. Ngishayele umndeni wakwaDube ngiwubikela ukuthi kukhona isidumbu esitholakele.”
Uthe ngesikhathi echaza isidumbu ocingweni, umndeni kaNksz Dube uqinisekisile ukuthi ngesakhe. Ubuye walanda amalungu omndeni ayozibonela endaweni yesigameko. Kuthiwa isidumbu sikaNksz Dube besikhunyulwe izingubo futhi zingekho eduze kwaso.
“Zihlukumezekile lezi zingane ezithole isidumbu, ngifisa nokuthi zelulekwe ngokomqondo. Zithe yizinja ebezihamba nazo ezizwe iphunga, zaqonda kusona isidumbu. Kubuhlungu engikubonile, asisazi kwenzenjani kule ndawo. Sesike senza ngisho umkhuleko ngenxa yokubulawa kwabesifazane,” kusho uNkk Zungu.
UNksz Sithembile Dube ongudadewabo kamufi, uthe wanyamalala ngeSonto ngoJuni 28. Uthe indlela aphuma ngayo ekhaya kwaba ngathi uya eduze ngoba akatshelanga muntu ukuthi uyahamba.
“Omakhelwane abambona bathi wayelokhu eqalaza kungathi kukhona ambhekayo. Ubuye wagijima wabheka emgwaqweni onguthelawayeka oseduze kwasekhaya. Emuva kwalokho ucingo lwakhe beluvaliwe ngesikhathi sizama ukumshayela,” kusho yena.
Uthe kusukela anyamalala bebesizwa umphakathi ukumthungatha. Ngesikhathi bethintwa yimeya ngoMsombuluko, bebevele beyothungatha kwezinye izindawo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbele, uthe kuphenywa icala lokubulala esiteshini saseHibberdene. Uthe amaphoyisa athole umbiko ngezithuba zabo-10.30 ekuseni ngoMsombuluko, afica isidumbu sowesifazane sinenxeba lokugwazwa esifubeni.