Izindaba

Uthukile kutholakala esinye isidumbu epulazini lomoba

Zanele Mthethwa|Published

USATHUKILE umlini waseMthwalume, okutholwe isidumbu sowesifazane silahlwe epulazini lakhe likamoba izolo Isithombe:SITHUNYELWE USATHUKILE umlini waseMthwalume, okutholwe isidumbu sowesifazane silahlwe epulazini lakhe likamoba izolo Isithombe:SITHUNYELWE

USASHAQEKILE umlimi waseMthwalume, okutholakale isidumbu sowesifazane silahlwe epulazini lakhe likamoba izolo.

Kushaye isikhathi sokuloba Isolezwe lingakawutholi umndeni wowesifazane, okuthiwa ubesenesikhathi edukile.

UMnuz Siya Gasa ongumnikazi wepulazi iBJ Gasa Farm, uthe ubesemhlanganweni eThekwini ethintwa ngalolu daba. Uthe ipulazi lakhe liseduze komuzi wemeya kamasipala yena, ushayelwe ucingo ngunogada wayo.

“Ngishaqekile ngithola ucingo obelungibikela ngalokhu. Ngixhumane nemenenja epulazini yaqinisekisa. Amaphoyisa abesefikile ngabo-12 emini ngesikhathi ngishayelwa ucingo. Kuthiwa otholakele ubenqunu,” kuchaza uGasa.

UGasa uthe sibathusile lesi sigameko ngoba sekuyisidumbu sesine sowesifazane sitholakala kule ndawo kusuka kuvalwe izwe.

Uthe imenenja yepulazi ibone ngezimoto zamaphoyisa ukuthi kukhona okonakele epulazini. Ngesikhathi sokuloba ibingakacaci eminye imininingwane ngesidumbu kodwa leli phephandaba lithole ukuthi ubusuvelile umndeni. Kuthiwa isidumbu besinenxeba esiswini, okungacaci ukuthi ngelokugwazwa noma elokudutshulwa.

Kushicilelwe okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbele, engaphendulanga.