Izindaba

URamaphosa ucela kuvikelwe abantu abadala kwiCorona

Nonthuthuko Ngubane|Published

UMENGAMELI Cyril Ramaphosa uthe akuvikelwe abantu abadala kuleli UMENGAMELI Cyril Ramaphosa uthe akuvikelwe abantu abadala kuleli

UMENGAMELI Cyril Ramaphosa unxuse abantu bakuleli ukuba bavikele abantu abadala njengoba basengozini enkulu yokuthelekela ngegciwane iCorona.

URamaphosa encwadini ayithumele kwabezindaba izolo, uthe uyakuqonda ukuthi kuyingcindezi engakanani ukuthi abantu abadala abasakwazi ukwenza izinto ngokujwayelekile nokuhamba bakhululeke ngenxa yeCorona.

Uthe ngenxa yokuthi abazuli nemindeni kumele iqhelelane nabantu abadala, kungenzeka bazizwe benomzwangedwa.

“ICorona ingaphatha noma ubani kodwa abantu abadala ibona abasengozini kakhulu yokutheleleka, bangagula kakhulu bagcine ngokushona. Ngeshwa kube nabantu abaningi abathelelekile emakhaya abadala nasezikhungweni zabo, lokhu kuholele ekutheni kushone abantu abaningi kulezo zindawo,” kusho uRamphosa.

Uthe ngenxa yalokhu kumele kuqikelelwe kakhulu lapho kunabantu abadala khona.

“Noma kunzima kangakanani kodwa kumele sizame ukuba omama nobaba bethu abadala singabafaki engcupheni yokutheleleka ngokubavakashela. Asizame ukuxhumana nabo ngokubafonela, ukukhuluma nabo ngama-video. Uma sihlala nabo asiqikelele ukuthi bahlanzekile. Izinto abazisebenzisayo okubalwa nezinduku zabo zokudondolozela ziyagezwa. Kumele sihlale sigqoke izifonyo uma sihlezi nezihlobo zethu esezindala. Sikhumbule ukuthi singabalahli abadala bethu abagulayo nabadinga usizo,” kusho uRamaphosa.

Uthe ngokombiko woMnyango wezeMpilo abantu abanezifo ezingamahlalakhona okubalwa ushukela, umfutho wegazi ophezulu, isifo senhliziyo, i-asthma nezifo ezahlukene ezithintene nokuphefumula bangaba sengozini yokutheleleka ngeCovid-19.

URamaphosa uthe lokhu kuyakhathaza kakhulu njengoba elakuleli belinabantu abaningi abaneHIV, isifo sofuba, okungezinye zezinto eziholele ekubeni abantu bashone ngenxa yokugula kuleli ngonyaka odlule.

Ngaphezu kwalokho abantu bakuleli abanesifo sikashukela bangu-4.5 million.

E-Western Cape kutholwe ukuthi cishe uhhafu wabantu ababulawe iCoronavirus bebenesifo sikashukela.

“Ukuvikela abantu abangaba sengozini yokutheleleka iyona into esiyenzayo njengesizwe. Selokhu kwaba nothaqa siyaqikelela ukuthi abantu abanezifo ezingamahlalakhona bathola usizo ngokushesha ezikhungweni zezempilo,” kusho uRamaphosa.

Abanezifo ezingamahlalakhona uthe kumele baqhubeke baphuze imishanguzo yabo, baqikelele ukuthi bayaqhelelana nabantu.