SIPHO HLOMUKA SIPHO HLOMUKA
UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka, uxwayisa umphakathi ukuthi ungalinge ufakele imali abantu abazenza yena ngekhasi elibunjezelwe kwiFacebook.
UHlomuka izolo uthumele abezindaba isitatimende ethi useyazi ngekhasi okuthiwa ngelakhe kwiFacebook eliqola abantu ngegama lakhe.
Uthe ikhasi linezithombe zakhe, igama lakhe nemininingwane yakhe.
“Kunabasebenzisa ikhasi leFacebook bazibize ngongqongqoshe bese becela imali enkulu emphakathini. Ungqongqoshe uxwayisa abantu ukuthi bangabi ngabagilwa bezigilamkhuba. Ungqongqoshe ngeke acele imali emphakathini ezinkundleni zokuxhumana,” kusho isitatimende somnyango.
Isolezwe lithole ngomthombo ukuthi abazenza ungqongqoshe bebecela imali esukela kuR1 000 kuye kufike koR20 000.
Kuthiwa bebehamba bememe abantu abangazana nongqongqoshe bese bezenza yena, bacele imali ngokushesha.
Ithumba kuthiwa liqhume uma abanye abantu sebebuza ungqongqoshe ukuthi yini ndaba acele imali, kwase kuyavela ukuthi bayagebenga ngegama lakhe.
Kuthiwa uHlomuka ubengakalivuli icala.