Izindaba

Kuboshwe inyanga esolwa ngokudlwengula

Zanele Mthethwa|Published

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala, uthe kuphenywa icala lokudlwengulwa kowesifazane. Uthe umsolwa oneminyaka engu-57 uboshiwe wavela eNkantolo yeMantshi eMtubatuba ngoLwesihlanu. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala, uthe kuphenywa icala lokudlwengulwa kowesifazane. Uthe umsolwa oneminyaka engu-57 uboshiwe wavela eNkantolo yeMantshi eMtubatuba ngoLwesihlanu.

UFISA nokuziphindiselela owesifazane waseMpukunyoni, eMtubatuba, othi udlwengulwe yinyanga abeyokwelapha kuyo indodana yakhe.

Owesifazane oneminyaka engu-33 igama lakhe eligodliwe ngenxa yobucayi becala, uthe akasabulali ubuthongo ecabanga ngalesi sigameko.

Utshele Isolezwe ukuthi washayelwa ucingo abasekhaya eMtubatuba ngesikhathi eseThekwini ngokusebenza. Uthe watshelwa ukuthi indodana yakhe eneminyaka engu-17 iyagula.

“Ngaphuthuma ekhaya ngiyobheka ingane, ngashayela izihlobo ucingo ngifuna ukuzwa ukuthi ngingayohlola kumuphi umelaphi wesintu. Ngiyalelwe inyanga khona eMtubatuba, kwakhona abangiphelezelayo saya khona.”

Uthe inyanga yabatshela ukuthi kudingeka uR1 500 ukuze kulashwe indodana yakhe. Ngaleso sikhathi uthe ubengenayo imali ngoba ubengakaholi, wacela ukubuya eseholile

ngoJulayi 1.

Esefika inyanga imtshele ukuthi kumele balashwe bobabili nendodana yakhe. Uthe wayesehamba yedwa nendodana esebuyela enyangeni.

“Inyanga yahogelisa indodana yami okuthize, ngabona ithamba emzimbeni kwangathi iyaquleka. Ibuye yaphaphama emuva kwesikhashana, inyanga yathi ayiyomlinda phandle,” kusho yena.

Uveze ukuthi inyanga imyalele ukuthi akahlale esipontshini phansi, maqede yamhogelisa okuthize.

“Ingitshele ukuthi angikhumule ngisale ngobhodisi. Ngizwe ngiphelelwa amandla ngashaywa yinzululwane emuva kokuhogela. Inyanga ibilokhu ingithinta, ngezwa isandla sesifika esithweni sami sangasese. Bengingenawo ngisho amandla okuzilwela, yangikhumula ibhulukwe ebengilimboze ngebhayi ngoba ngihlonipha isigodlo,” kuchaza owesifazane.

Uthe inyanga isiqedile ibilokhu ibonga kwabaphansi ithi isiwuqedile umsebenzi. Uveze ukuthi imgcabile ngaphambi kokuthi imdedele.

Uthe ubengayazi le nyanga ngoba wayalelwa yona.

“Ngaphuma ngayohlala emotweni ngifisa sengathi ingaphuma bese ngiyishayisa ngemoto. Ngashayela umalume ucingo wangiphuthumisa esiteshini samaphoyisa, ngadlulela esibhedlela,” kusho yena.

Uninalume naye eligodliwe igama lakhe, uthe wayelokhu ezama ukumthinta owesifazane ngesikhathi esenyangeni kodwa engasamtholi. Ubuye wathola ucingo lwakhe ethi kuyaphuthuma okuthe uma behlangana wakhihla isililo.

“Indlela abekhala ngayo ngimfica, ububona ukuthi uhlukumezekile.

Uveze ukuthi bekumele aphindele emsebenzini kodwa odokotela bathe kusadingeka alulekwe ngokomqondo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala, uthe kuphenywa icala lokudlwengulwa kowesifazane. Uthe umsolwa oneminyaka engu-57 uboshiwe wavela eNkantolo yeMantshi eMtubatuba ngoLwesihlanu.