Izindaba

Badube ukusebenza abahlola iCovid-19

Zanele Mthethwa|Published

ABASEBENZI bezempilo baseNkonjeni, izolo abadube ukusebenza bekhala ngemali yomholo engaphelele ABASEBENZI bezempilo baseNkonjeni, izolo abadube ukusebenza bekhala ngemali yomholo engaphelele

BADUBE ukusebenza izolo abasebenzi bezempilo baseNkonjeni, abahlola abanobhubhane iCovid-19.

Abasebenzi okukhona kubo nabashayeli, bakhala ngokuthi bahole imali engaphelele kwabebethenjiswe yona beqala ngo-Ephreli. Bathi bakhethwa kulolu hlelo lokuhlola abantu ngaphansi kwesifunda iZululand. Omunye walaba basebenzi okhulume naleli phephandaba wacela ukungadalulwa, uthe bebeqala ukuyithola imali ngesonto eledlule.

“Besilindele ukuthi sizofakelwa * -30% kodwa sithole * -15%. Sizamile ukufuna izimpendulo kumphathi wesibhedlela obambile kodwa akasinaki. Izinqumo uzithathela yedwa ngaphandle kokuxhumana nathi,” kusho yena.

Omunye wabasebenzi ukhale ngokuthi isifunda abasebenzela kuso sinesibalo esiphezulu sabantu abahaqekile. Uthe lokhu kubabeka engcupheni, osekubaphatha kabi uma bengasaholelwa kahle njengokwesithembiso.

“Ngesikhathi siqala ukusebenza besingena nangempelasonto. Sithole ngesonto edlule ukuthi ngeke sisasebenza ngempelasonto. Okusixakayo wukuthi sonke lesi sikhathi besisebenza kodwa ngoba sekuqala ukuphuma imali sekumele siyeke ukusebenza ngempelasonto,” kusho umsebenzi.

Laba basebenzi izolo bagcine beqhinqe lapho obekumele bathathwe khona yizimoto ukuyosebenza emiphakathini ehlukene.

OnguNobhala weDenosa esifundazweni uMnuz Mandla Shabangu, uthe ucabanga ukuthi laba basebenzi abachazelekile ngalolu hlelo. Uthe okwamanje ayikho imali eholwa abasebenzi bezempilo eqondene

neCovid-19.

“Indaba yokuholelwa ngokweCovid-19 isakhulunywa ezingeni likazwelonke, akukho okusaphumelele. Laba basebenzi bafakwa kulolu hlelo ngo-Ephreli kodwa abaqashiwe ngokugcwele. Amaphesenti abaholelwa wona banikezelwa ukuthi abanayo imihlomulo njengalaba abaqashwe ngokugcwele,” kuchaza uShabangu.

Mayelana nokusebenza ngempelasonto, uthe vele ayikho imali eyengeziwe abazoyikhokhelwa ngoba abaqashiwe ngokugcwele. UShabangu uphawule ngodaba lwasesibhedlela iNkosi Albert Luthuli lapho sekuhaqeke abasebenzi bezempilo abangaphezu kuka-100. Uthe bebesenza olwabo uphenyo ngaphakathi.

“Sithole ukuthi kukhona ukungaphathwa ngokulingana phakathi kwabahlengikazi nodokotela. Kuthiwa odokotela banikezwa izifonyo amaN95 bese kuthi abahlengikazi banikezwe ama-surgical mask. Besisafuna ukuthola kahle ukuthi kufinyelele kanjani ekutheni kuhaqeke isibalo esingaka, okumanje sisacubungula udaba,” kusho yena.

Kushaye isikhathi sokuloba uMnyango wezeMpilo ungakaphawuli ngodaba lwaseNkonjeni.