Izindaba

Bazoqinisa umzabalazo uma zingapheli izinkinga zabasebenzi

Zanele Mthethwa|Published

ABANYE babasebenzi bezempilo abangamalungu eNehawu abebeqhinqe emahhovisi oMgcinimafa eMgungundlovu Isithombe: SITHUNYELWE ABANYE babasebenzi bezempilo abangamalungu eNehawu abebeqhinqe emahhovisi oMgcinimafa eMgungundlovu Isithombe: SITHUNYELWE

IZINYUNYANA zizimisele ukuqinisa umzabalazo uma zingaxazululwa izinkinga zabasebenzi bezempilo ezidalwa yiCovid-19.

NgoLwesihlanu abasebenzi bezempilo nezinyunyana zabo baqhinqe ngaphandle emahhovisi oMngcinimafa eMgungundlovu. Bebekhononda ngokuhaqeka kwabasebenzi bezempilo abangaphezu kuka-100 eNkosi Albert Luthuli. Izinyunyana, okukhona kuzo neNehawu, zifuna kuhlolwe bonke abasebenzi bezempilo esibhedlela. Zifuna nokuthi kube nemali yesibonelelo ezokhokhelwa abasebenzi bezempilo.

UNobhala weCosatu KwaZulu-Natal, uMnuz Edwin Mkhize, uthe iyabakhathaza eyaseNkosi ngoba abaphathi bahluleka ukulawula izibalo zabahaqekile zingakanyuki.

“Ukuqhinqa kwethu kuseyisexwayiso kodwa sizimisele ukuqinisa umzalabazo, siteleke uma zingalalelwa izikhalo zethu. Inkinga wukuthi izibalo zabahaqekile ziyakhula. Kasifuni kufike lapho abasebenzi bezempilo bengasakwazi nokusebenza.”

Uthe sebelinde impendulo ebuholini besifundazwe ngezikhalo zabo. NgoLwesihlanu bazoqhinqa esitolo sezingubo eThekwini esiwumunxa we-Edcon okuthiwa sizodiliza abasebenzi.

Banohla lwezinkampanini ezifuna ukudiliza ngezibo lokuthi zithwele nzima ngenxa yeCovid-19.

UMengameli weNehawu, uMnuz Mzwandile Makwayiba, uthe njalo uma kuhaqeka abasebenzi bezempilo, abaphathi badonsa izinyawo ekuhloleni abanye.

UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, uthe babakhathalele abasebenzi bezempilo. Abasebenzi bayazazi izindlela ezivulelekile zokuxhumana uma benezinkinga, okubalwa kuzo nokuhlangana noNgqongqoshe wezeMpilo, uNkk Nomagugu Simelane-Zulu.

“Yize sikuqonda ukuthi abasebenzi bezempilo nabo bayahaqeka, sethembe bona ukuthi bazosihola ekunqobeni ubhubhane. Esikhathini samanje ngisho ihora elichithekayo ngenxa yombhikisho, livulela ithuba lokuqinisa ukubhebhetheka kobhubhane. Sibhekene nesimo lapho zenyuka ngamandla izibalo zabahaqekile, nathi okumele sizame ukuqinisa impi yokunqoba,” kusho uZikalala.

Ngesikhathi sokuloba izolo bebewu-187 977 asebehaqekile ezweni lonke, bewu-3 026 abashonile nabawu-91 227 abaluleme no-93 724 labo abasagula.

Indlela izibalo esezinyuka ngayo izibhedlela eziningi ngeke zisabanayo indawo yokwamukela iziguli. Sekuseduze ukuthi iGauteng, eno-59 737 wabantu abahaqekile, ithathwe njengesizinda seCovid-19.