Izindaba

I-Corona ihaqe abasebenza kumasipala eNkandla

Khethukula Sangweni|Published

IMENENJA kaMasipala waseNkandla uMnuz Langelihle Jili ithi zisavaliwe ezinye izingxenye zikamasipala ngenxa yabasebenzi babo abahaqwe yiCorona Isithombe: SITHUNYELWE IMENENJA kaMasipala waseNkandla uMnuz Langelihle Jili ithi zisavaliwe ezinye izingxenye zikamasipala ngenxa yabasebenzi babo abahaqwe yiCorona Isithombe: SITHUNYELWE

UKUGADLA kwegciwane iCorona kubasebenzi kuphoqe ukuba kuvalwe amahhovisi kaMasipala waseNkandla, njengoba kuthiwa babili abasebenzi bawo abatholakale behaqekile.

IMenenja kaMasipala uMnuz Langelihle Jili, ithi bebenqume ukuthi bahlole bonke abasebenzi bomkhandlu ngisho namakhansela ngenhloso yokuwubhula usesemafusini, base bethola ukuthi sekukhona abahlabekile.

UJili uthi abasebenzi abangu-128 bahlolwe ngoLwesithathu imiphumela yase ibuya isho ukuthi ababili bahaqekile kwase kuphoqa ukuthi kulandelwe imigomo kahulumeni.

Uthe bavale kusukela ngoLwesihlanu (olwedlule) baze bavula ngoLwesibili lwesonto eliphelayo.

“Imisebenzi esemqoka izoqhubeka ngendlela esihlele ngayo kodwa ezinye izingxenye zizovala ukuze sikwazi ukukhuculula amagciwane silandele yonke imigudu efanele yezempilo. Siyanxusa abantu baseNkandla ukuba baqhubeke bazinakekele baziphathe kahle bafake izifonyo njalo ukuze silwe nobhubhane,’’ kuchaza uJili.

Kuvalwa amahhovisi kaMasipala eNkandla nje kusanda kuvalwa kuMasipala eMthonjaneni nowasoLundi bonke abathole ukuthi abasebenzi sebehlabekile.

Kuvalwa amahhovisi aseNkandla ngenxa yeCorona nje, iMeya yakhona uMnuz Thamsanqa Ntuli ihamba inkantolo ngenxa yokuboshelwa ukwephula imithetho yokusebenza kwezwe ngesikhathi iqoqe abantu edolobheni eNkandla ibapha ukudla.

UNtuli ubevelile eNkantolo yeMantshi eNkandla ngesonto eledlule icala lakhe lahlehlela uJulayi 14. Inkantolo ikuqinisekisile ukuthi ngosuku azobuya ngalo uNtuli liyoqala ukuqulwa icala lakhe ehambisana nezinye izikhulu zomkhandlu nabantu ababekhona ngesikhathi kukhishwa ukudla.

UNtuli ngesikhathi evele enkantolo uthe akukho cala kodwa uhujwa yizitha zakhe kwezepolitiki futhi kunabafuna ukuthatha umasipala ubuswe yibona.