BAHLALELE ethembeni lokuhola kusasa abasebenzi be-ANC njengoba oyikhulumelayo uMnuz Pule Mabe ethi konke sekulungisiwe imali izongena Isithombe: SIGCINIWE BAHLALELE ethembeni lokuhola kusasa abasebenzi be-ANC njengoba oyikhulumelayo uMnuz Pule Mabe ethi konke sekulungisiwe imali izongena Isithombe: SIGCINIWE
I-ANC kuzwelonke ithi ayiphefumuli ngenxeba kwezemali, konke kuhamba kahle futhi izinqolobane zayo ziyanyinyitheka. Ibiphendula emuva kwehlazo lokwehluleka wukuholela abasebenzi bayo ngesikhathi esifanele nokuyiphendule inhlekisa ezinkundleni zokuxhumana.
Okhulumela i-ANC, uMnuz Pule Mabe, uthi yebo bahlulekile wukukhokhela abasebenzi beqembu kodwa lokhu kudalwe wubuhixihixi bangaphakathi hhayi ngoba inenkinga yemali ezinqolobaneni zayo. Abasebenzi be-ANC bavame ukuhola ngo-25 nyanga zonke kodwa kulokhu bazoyithola ngoMsombuluko kaJulayi 6.
“ Abantu bazoyithola imali yabo umehluko wukuthi bazoyithola sekwedlule kancane isikhathi abavame ukuyithola ngaso.
“Ngeke senekele izwe ukuthi ubuhixihixi budalwe yini kodwa abasebenzi sibachazele basiqonda isimo. I-ANC ayinazo inkinga yemali yenza konke okusemandleni ukuyiphatha ngobunono,’’ kusho uMabe
Uthe konke sekulungile futhi imali izokhokhwa ngoMsombuluko wakusasa. Ugcizelele ukuthi njengoba beyiqembu labantu futhi eliphethe izwe banomthwalo wokubahlonipha benze izinto ngendlela elindelekile yingakho besukumile balungisa isimo ngokushesha.
“Nakanjani imali izongena iphelele maduze njengoba sethembisile embhalweni esiwuthumelele abasebenzi. I-ANC iyakuqonda ukuthi imali iyadingeka abantu kufanele bakhokhele izidingo zabo,’’ kuchaza uMabe.
Abasebenzi be-ANC balinda baze badinwa ingangeni imali kuma-akhawunti abo emabhange.
Indaba yokungangeni kwemiholo ibe ngundabuzekwayo ezinkundleni zokuxhumana abantu bethi i-ANC ithwele kanzima ayinayo imali. Bekwenekwe incwadi lapho i-ANC ixolisa khona ichaza ukuthi indaba yamaholo izolunga maduze.
Kuthiwa inkinga ibe ekomkhulu leqembu eLuthuli House eGoli, lapho kulungiswa khona izindaba zamaholo.
UMabe uthi iqembu lifongqa isigqoko kubasebenzi futhi lixoxile nabo labachazela isimo esiholele ekutheni kubambezeleke ukufakwa kwemali.
I-ANC ayiqali ukungena ehlazweni lokwehluleka wukukhokha umholo wabasebenzi njengoba phambilini kuke kwenzeka lokhu kwashiya nemibuzo eminingi.