Izindaba

Kuboshwe amaphoyisa amane ngamacala okugwazisa

Jonisayi Maromo|Published

AMAPHOYISA aboshwe wuPhiko loKlebe ngamacala okugwazisa Isithombe:TWITTER AMAPHOYISA aboshwe wuPhiko loKlebe ngamacala okugwazisa Isithombe:TWITTER

AMAPHOYISA amane azochitha impelasonto esitokisini emuva kokuboshelwa amacala okugwazisa izolo ngoLwesihlanu. 

Okhulumela uphiko loKlebe, uCaptain Ndivhuwo Mulamu, uthe lamaphoyisa abevele eNkantolo yeMantshi yaseGermiston. 

"Abasolwa ngoWarrant Officer Frans Nono Manyelo (52), uSergeant Fihlang Junior Molefe (47), uConstable Matlhabela Lucas Ramalobela (35) noLucas Malwela (34), bazinikele ophikweni lwamaphoyisa oluphenya amacala enkohlakalo eGermiston," kusho uMulamu. 

Lezi zinsolo zabikelwa amahhovisi oKlebe ngo-Agasti. "Kusolwa ukuthi laba basolwa ababesemsebenzini baqonda kummangali, bafika emotweni yakhe bayiphequlula futhi bamphoqa ukuba abayise emzini wakhe oseBrackenhurst, eningizimu yeGoli". 

"Ekufikeni kwabo kulo muzi wommangali, babe sebewuphequlula futhi bafuna ngenkani isamba sikaR200 000 ukuze bengambophi ummangali," kusho uMulamu. 

"Babe sebemqhuba bemyisa egaraji lakwaShell elikuM2 Highway lapho bamphoqa khona ukuba akhiphe imali ewukheshi emshinini wasebhange." 

Lamaphoyisa asebenzela iKrugersdorp Flying Squad ne-Ekurhuleni Central Trio Task Team, ngokwehlukana. 

Abasolwa bazochitha impelasonto esitokisini njengoba icala labo lihlehliselwe uMsombuluko ukuze bafake isicelo sebheyili. 

Ngenyanga eyedlule kuvele ukuthi sekuboshwe amaphoyisa angu300 kuleli selokhu kwaqala ukuvalwa thaqa kwezwe ngenhloso yokunqanda ukubhebhetheka kweCovid-19. 

Okhulumela uNgqongqoshe wamaphoyisa kuleli, uMnuz Bheki Cele, uLirandzu Themba, uthe angu316 amaphoyisa aseboshelwe ukuphula imithetho ehlukahlukene yokuvalwa kwezwe. 

ANA