Izindaba

'Usemkhulu umsebenzi okumele wenziwe'

Mlungisi Gumede|Published

UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uMnuz Sipho Hlomuka othi nakuba ikhona inqubekela phambili ekusetshenzisweni kwemali komasipala besifundazwe kodwa asikho isidingo sokujabula kakhulu UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uMnuz Sipho Hlomuka othi nakuba ikhona inqubekela phambili ekusetshenzisweni kwemali komasipala besifundazwe kodwa asikho isidingo sokujabula kakhulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa nokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uMnuz Sipho Hlomuka uthe nakuba ikhona inqubekela phambili encane eyenziwe ngomasipala besifundazwe ekusetshenzisweni kwemali ngokombiko woMcwaningi Mabhuku omkhulu uMnuz Kimi Makwetu kodwa asikho isidingo sokujabula kakhulu.

Ngokombiko kaMakwetu kuvele ukuthi omasipala kuzwelonke basebenzise budedengu uR38 billion.

Esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba, uHlomuka uthe bawubonile umbiko kaMakwetu ka-2018/2019.

“Komasipala abangu-54, besifudazwe, kunomasipala owodwa othole umbiko ohlanzekile, kwathi abangu-32, bathola umbiko omuhle, kwathi abangu-18 bathola imibiko emibi, omasipala abathathu bathole imibiko emibi kakhulu,” kusho uHlomuka.

Uthe bayisishiyagalombili omasipala abakhombise inqubekela phambili basuka esigabeni ababekuso ngesabelomali esedlule banyukela kwesingenhla.

“Umbiko wokusebenza kwemali kwisabelomali sika-2018/2019, ukhombisa ukuthi usemkhulu umsebenzi okumele wenziwe ukwenza isiqiniseko sokuthi isenti nesenti lisebenza ngendlela efanele,” kusho uHlomuka.

Emhlanganweni wangenyanga edlule kaHlomuka nezimeya udaba lokwenza isiqiniseko sokuthi imali isebenza ngendlela beluseqhulwini njengoba omasipala beqhubeka nokushayeka ngakwezezimali emva kokubheduka kweCorona, okufake ingcindezi enkulu komasipala abebevele bedonsa kanzima.

UHlomuka ugcizelele ukuzibophezela komnyango wakhe ekulekeleleni omasipala ukuze bakhuphule izinga lokusebenzisa imali.

Uphakamise ukuthi kube nomhlangano ophuthumayo nezimeya zomasipala besifundazwe nezikhulu zemikhandlu ukuze kubhungwe ngemiphumela yakamuva yoMcwaningi Mabhuku omkhulu.

“Omasipala abangazange benze kahle kumele baqhamuke nohlelo lokuthi bazimisele ngokwenzani ukuze baguqule isimo sabo,” kusho uHlomuka.