Izindaba

Bakhungathekile umshana 'ebulawa' wuninalume ngesihluku

Nonthuthuko Ngubane|Published

USADIDEKILE umndeni womfana oneminyaka ewu-17 okusolwa ukuthi ubulewe wuninalume emklabha ngobhushu emdinda nangenduku eHlokozi KwaZulu-Natal USADIDEKILE umndeni womfana oneminyaka ewu-17 okusolwa ukuthi ubulewe wuninalume emklabha ngobhushu emdinda nangenduku eHlokozi KwaZulu-Natal

UMPHAKATHI waseHlokozi, eHighflats, usale ushaqekile ngokugwaza ngomkhonto komshana, okuthiwa uhlaselwe nguninalume.

Umufi oneminyaka engu-17 kuthiwa uhlaselwe ngobhushu, umkhonto nenduku.

Isidumbu sakhe sitholwe ngoLwesithathu ekuseni, sifihlwe ekamelweni lakhe.

USphesihle “Phe” Kunene, obefunda uGrade 10 bamthole ekamelweni lakhe, ebekwe embhedeni.

UNksz Sindi Dlamini oyisihlobo uthe basale bekhungathekile ngokwenzekile.

“Sithole ubhushu nomkhonto ngaphansi kombhede, esisola ukuthi umshaye ngakho. Umalume uthe umshaye ngenduku ngoba wambulalela amawindi endlu yakhe. Kodwa simbheke sabona ukuthi ugencwe ekhanda nasemzimbeni. Uma simbuza umalume akaphiki ukuthi umshayile kodwa ulokhu ethi umshaye ngenduku kuphela,” kusho uNksz Dlamini. Bekunecala okuthiwa umufi ubeligqigqela enkantolo lokushaya intombi kaninalume. 

Omunye oyilungu lomphakathi ubhale ekhasini leFacebook womphakathi (iHlokozi Group) wathi: "Kuyonakala eHlokozi, sekukhona umbhemu ovele waklabha umshana wakhe ekhanda ngobhushu. Ngeke uSathane ungenile kubantu,”

Omunye umthombo wasemphakathini osondelene nodaba kodwa ocele ukungadalulwa, uthe akwaziwa ukuthi bekubangwani phakathi komshana noninalume ngoba ingxabano isuke bebobabili.

“Kusithusile okwenzekile yize singenalo ulwazi olugcwele ngokuthi bekwenzekeni kodwa akekho umuntu ongalindela ukuthi umshana angabulawa uninalume,” kusho umthombo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala, uthe kuphenywa icala lokubulala, umsolwa uzovela maduzane enkantolo.