Izindaba

Isicelo sebheyili kwelokufa kwekhansela

Mlungisi Gumede|Published

Isithombe esigciniwe: Pexels Isithombe esigciniwe: Pexels

SIZOLALELWA ngesonto elizayo isicelo sebheyili sowesilisa obekwe icala lokubulala owayeyikhansela le-ANC e-ward 88 eMlaza, uMnuz Sibusiso “Bhabhane” Maphumulo.

UMnuz Nkosingiphile Gumede (36) uvele eNkantolo yeMantshi yaseMlaza izolo mayelana necala lokubulala uMaphumulo.

Icala lihlehliselwe uLwesihlanu oluzayo ukuze kulalelwe isicelo sebheyili.

UGumede uboshwe ngoLwesihlanu olwedlule. Uboshwe sekucishe kuphele iminyaka emibili uMaphumulo, owadutshulwa, abulawa ngo-Okthoba ngo-2018.

Izolo ukulalelwa kwesicelo sebheyili akuzange kuqhubeke ngenxa yokuthi ummeli ubengenaye.

UGumede uboshwe sekuke kwaboshwa abanye abantu okukhona kubo nekhansela le-ANC khona eMlaza, uMnuz Mthokizisi Nojiyeza nabafowabo ababili nenye indoda. Icala labuye lahoxiswa kubona.

UNobhala we-ANCYL eThekwini, uMnuz Thinta Cibane, obekhona enkantolo, uthe bazoqhubeka nokuseka umndeni kamufi kuze kufike ekugcineni.

“Kuyisinqumo se-ANC ukuthi kusekwe umndeni wobulawele isihlobo sawo, yingakho nathi siweseka umndeni kaBhabhane (Maphumulo),” kusho uCibane.

Uthe kuyabakhuthaza ukuthi emuva kweminyaka emibili uMaphumulo abulawa kodwa amaqabane asaphuma ukuzoseka umndeni.

“Sifuna ukubona kwenziwa ubulungiswa ekugcineni mayelana nokubulawa kweqabane uBhabhane ebelingumholi we-ANC osemusha futhi enekusasa eliqhakazile embuthweni,” kusho uCibane.

UMaphumulo kuthiwa wayesondelene nowayeyiMeya yaseThekwini, uNkk Zandile Gumede. Lokhu okufakazelwa nawukuthi uNkk Gumede wazifikela mathupha emngcwabeni wakhe. Wabulawa washiya ingoduso yakhe eyayizithwele.